Rabbitfish

© Johan Boshoff

Igama

Rabbitfish

Isiteketiso

Spinefoot

Igama lesayensi

Siganidae

Ubude

Ejwayelekile iba ngamasentimitha angama-30, kodwa ayafika nakwangama-40.

Ibonakala ngani

Le nhlanzi inomzimba ewumboxo obacakile nomlomo omncane ophusheke phambili. Emhlane ine-fin elilodwa, elinameva alinganayo, elihamba lize liyophuma ezansi ngasemsileni. Inesisila esimise okwebhaxa futhi inemibala omhlophe nophuzi, onamabhala ansundu.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi obizwa nge-Siganidae unemikhakha emibili nezinhlobo ezingama-27. I-Rabbitfish iqanjwe ngaleli gama ngenxa yomlomo wayo ofuze okanogwaja. Ameva ayo anobuthi. Lezi zinhlanzi zivame ukubonakala zihamba ziyisixuku noma ngambili ezindaweni ezinametshe olwandle, ikakhulu emanzini angajulile.
Zisebenzisa amazinyo ukunqampula izitshalo zasemanzini ezinamathela ematsheni. Le nhlanzi izingela emini futhi iyakwazi ukushintsha umbala ukuze izitha zingayiqapheni. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza emanzini.

Ukudla

Le nhlanzi idla izitshalo zasemanzini ezinamathela ematsheni - ayiyidli inyama.

Indawo

Itholakala olwandle i-Indo-Pacific nasolwandle i-Mediterranean.

Izinhlobo ezejwayelekile

Coral rabbitfish (Siganus corallinus)
Foxface rabbitfish (Siganus vulpinus)
Whitespotted rabbitfish (Siganus sutor)