Porcupinefish

© Johan Boshoff

Igama

Porcupinefish

Isiteketiso

Blowfish, Balloonfish, Globefish

Igama lesayensi

Diodontidae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha angama-35, kodwa iyafika kwangama-90.

Ibonakala ngani

Le nhlanzi inomzimba ofuthekile kodwa oya ngokuncipha uma uya ngasekhanda nangasemsileni. Ikhanda livamise ukuba likhulu kunomzimba. Umzimba wonke ugcwele ameva amafushane namade. Inamazinyo amakhulu enza umlomo ucishe ukufana nowenyoni. Imibala yale nhlazi iyashiyana. Eziningi zinsundu ngokukhanyayo okunamabala amnyama naphuzi.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Diodontidae unemikhakha eyisithupha nezinhlobo eziyi-19. I-Porcupinefish ithi mayicishe ifane ne-Pufferfish. Ameva asemzimbeni kuyenzeka ahlale emile noma iwamise kuphela uma izivikela. Kwezinye izinhlobo za le nhlanzi, la meva aba nobuthi.
Iyakwazi ukufutha umzimba ngokugwinya amanzi. Le nhlanzi iyakwazi futhi nokugadla ngezinyo. Ivame ukutholakala ezindaweni ezinamatshe phakathi olwandle nasemadwaleni aphakeme ogwini. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza.

Ukudla

Le nhlanzi idla imineke, izipontshi zasolwandle, izinkalankala nama-urchin.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga okushisa aphezulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Porcupinefish (Diodon hystrix)
Shortspine porcupinefish (Diodon liturosus)
Yellowspotted porcupinefish (Cyclichthys spilostylus)