Parrotfish

© Johan Boshoff

Igama

Parrotfish

Igama lesayensi

Scaridae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha angama-45, kodwa ingakhula ize ibe ngamasentimitha angama-90.

Ibonakala ngani

Le nhlanzi ibonakala kalula ngamazinyo ayo ahlangene ayenza ibe nomlomo omise okokapholi. Yinhlanzi enkulu eya ngokuncipha uma uya ngasemsileni futhi inomzila omise okwesikela. Ama-fin asemhlane ahamba aze ayoshaya emsileni. I-Parrotfish inemibala eminingi kanti eyesilisa iyehluka kweyesifazane.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi i-Scaridae uhlukene imikhakha eyisishiyagalolunye nezinhlobo ezingama-89. Lo mndeni uyingxenye yezinhlanzi ezinemibala egqamile ezaziwa ngama-wrasse. Uma le nhlanzi itshuza ivame ukugwedla ngama-fin asesifubeni. Ama-fin angemuva, noma umsila, wona iwasebenzisa kuphela uma ifuna ukubaleka ngesivinini esikhulu. Idla okusamatshe okuyisiza ukugaya izitshalo zasolwande esiswini.
Le nhlanzi yenza umsebenzi omkhulu wokukwakha okusasihlabathi ezindaweni ezinamatshe olwandle. Uma ilele ubusuku, yemboza umzimba wayo ngongwengwezi olunamfukayo oluxosha izilwane ezinobungozi. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza kanti eyesifazane inakho ukushintsha ibe yisilisa uma kufa eyesilisa ekhonyayo.

Ukudla

Idla izitshalo zasemanzini nezilwanyana ezibikizelayo, ezingenamathambo.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga okushisa aphezulu.

Izihlobo ezejwayelekile

Bicolour parrotfish (Cetoscarus bicolor)
Ember parrotfish (Scarus rubroviolaceus)