Mullets

© Johan Boshoff

Igama

Mullets

Isiteketiso

Grey mullets

Igama Lesayensi

Mugilidae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha angama-50, kodwa yona ingakhula ize ifike kwangama-90.

Ibonakala Ngani

Lena yinhlanzi enomzimba olulekile, ozishaya sandilinga, kodwa oya ngokuzaca ngasekhanda nangasemsileni. Inama-fin amancane agqagqene emhlane nomsila omise okwebhaxa. Isho ngomlomo omncane, onezindebe ezincane, namazinyo amancanyana. Kayinawo umugqa owehlukanisa isingezansi nesingenhla. Umbala wayo uyisiliva okuhambisana nemibala ophuzi, omhlophe noma onsundu.

Ulwazi Olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Mugilidae inemikhakha eyi-17 nezinhlobo ezingama-72. Iningi lazo litholakahla olwandle endaweni engashoni kakhulu, emuva kwamagagasi. Izinhlanzi azincane, ezingamasentimitha amabili ubude, zivame ukucasha ezizalweni - lapho imifula ingenisa khona olwandle. Le nhlanzi abanye abantu bayididanisa ne-goatfish. Imvamisa le nhlanzi idotshelwa ukuba idayiswe. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza.

Ukudla

Idla izinambuzane, intshelelezi, imfucuza, izinambuzane, amaqanda ezinhlanzi noshobishobi.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga okushisa aphezulu.

Izinhlobo Ezejwayelekile

Flathead mullet - Mugil cephalus
Groovy mullet - Liza dumerilii
Southern mullet - Liza richardsonii