Manta Ray

© Johan Boshoff

Igama

Manta ray

Izinhlobo Zayo

Manta, Atlantic manta, Pacific manta

Igama Lesayensi

Manta birostris

Ubude

Ingakhula ize ifike emamitheni ayisikhombisa.

Ibonakala Ngani

Lena yinhlanzi enkulu eyisicaba, enamaphiko angunxantathu nomlobo ophusheke phambili. Inama-fin okugwedla eceleni komlomo namehlo emaceleni ekhanda. Umsila wayo mude ukwedlula umzimba. Le nhlanzi ivamise ukuba mnyama ngaphezulu bese izoba mhlophe ngaphansi. Kuyenzeka kokunye ibe namabala esifubeni.

Ulwazi Olwejwayelekile

Umndeni wezinhlazi owaziwa ne-Myliobatidae unemikhakha eyisikhombisa nezinhlobo ezingama-42. Zimbili izinhlobo ze-Manta. Uhlobo oluncane luhlala ezindaweni ezinamatshe noma isihlabathi esiphakeme phansi kolwande kanti olukhulu lona luphila ngokufuduka. Lolu hlobo lwenhlanzi, lusengcupheni yokushabalala, lunamazinyo amafushane angasetshenziselwa ukuhlafuna.
Lezi zinhlanzi kazesabi ukusondela emikhunjini uma imile ezindaweni ezihlala kuyo. Kulezi zindawo ezinamatshe noma isihlabathi eziphakeme (reefs) kukhona kukhona ezinye izinhlanzi ezifana ne-Wrasse nama-Angelfish amancane ezithola ukudla emzimeni we-Manta. Lezi zinhlanzi aziwazaleli amaqanda kodwa zizala izinhlanzi ezincane ezimbili kuya kwezine.

Ukudla

Uma idla le nhlanzi iqwinya amanzi amaningi, anezinhlanzi nokunye ukudla ekudlayo, bese iyawasefa amanzi esiswini kusale ukudla. Ukudla kwale nhlanzi yizinhlanzi ezincane, izitshalo nezinye izilwanyana zasemanzini ezivame ukuhlala endaweni eyodwa.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.

Izinhlobo Zayo Ezejwayelekile

Reef manta
Manta alfredi
Reef manta
Manta alfredi
Giant manta
Manta birostris