Isayensi Ehathelane Nokwakheka Komhlaba weRichtersveld

Ukuqala Ukushisa

©Jacques Marais
Phambili eminyakeni eyizigidi eziyikhulu, izwekazi elikhulu i-Gondwanaland isuke kancane yadlula empoleni oseningizimu futhi umhlaba ubunesembozo samakhaza. Izinkotho ezikhishwe yisikhukhula seqhwa esehlika ezintabeni zisabonakala eGranddrift, eduze neRichtersveld National Park, naseNieuwoudtville.
Ngeminyaka eyizigidi eziyi270 edlule, noma kunjalo, izwe liye laphuma empoleni futhi kwaqala ukushisa. Ngakho-ke, isikhukhula seqhwa esehlika ezintabeni saqala ukuncibilika, sishiya izinsalela ezaba i-Dwyka iqembu lama-tillites. Lokhu kubonisa ukuqala kweKaroo Supergroup, esabalale ngaphakathi kweNingizimu Afrika. Lezi zinsalela zisatshalaliswa ngendlela engafanele esifundeni saseNamaqualand, zilele phezulu kweNama Group yamadwala.

Ukuxokozela Emhlabeni

©Shem Compion
Ngesikhathi esifanayo nokusalela kwe-Dwyka, sonke isifunda sasihambisana nesikhathi eside sokuxokozela, lapho iGondwanaland iqala ukuhlukaniswa phakathi kwamanje asengamazwekazi iNingizimu Melika ne Afrika.
Lokhu kwaholela ekugoqeni okuphawulekayo kwezingxenye zamadwala kanye nokwakheka kweizintaba kuso sonke isifunda. Njengengxenye yalokhu kuphazamiseka, kwakhiwa isigodi esikhulu kuso sonke isifunda saseKaroo nasezingxenyeni eziseningizimu-mpumalanga yeNamaqualand. Amaqembu e-Ecca naseBeaufort abese efakwa kulesi sigodi, ekwakheni indawo engaphansi kwendawo ye-Nama-Karoo.
Njengengxenye yale nqubo, izinga lolwandle laphinde lahlehla okwadalula amathafa asogwini, nemifula egijima eya ogwini olusha yagugula amathafa aphakanyisiwe. Lokhu kubangela, phakathi kwezinye izinto, ukwakheka kwesigoxi esikhulu esisikwe ngumfula i-Fish River Canyon (ngobukhulu eyesibili eMhlabeni, emva kweGrand Canyon eNyakatho Melika). Ngalesi sikhathi, isifunda saseNamaqualand sase sisesimweni esomile kanti amathala asanda kuvezwa olwandle aqala ukumbozwa insalela zenhlabathi.

Ubuningi bamaDayimane

©Nigel J Dennis
Isigaba esibalulekile esilandelayo senzeke cishe eminyakeni eyizigidi eziyikhulu namashumi amabili eyedlule, lapho uchungechunge lwamapayipi e-ntabamlilo lwakhuphuka phezulu ukusuka phakathi kuya phezulu emhlabeni. La mapayipi afana noshimula aqukethe amadayimane amaningi, okwakhiwa ngamakhilomitha angaba ngu-250 ngaphansi komhlaba. Amatshana ayigugu ayegcizelelwe edwaleni elikhethekile elibizwa ngokuthi i-Kimberlite.
Eminyakeni eyizinkulungwane ezalandela, lezi zipayipi ezidonsayo zagugulwa imifula (ikakhulukazi uMfula i-Orange) futhi ingcebo ekhazimulayo yakhukhulwa. Ngakho-ke amadayimane asala eceleni komfula i-Orange nasemlonyeni womfula, amadayimane amakhulu kunawo wonke abekwa phansi phakathi kweminyaka eyizigidi ezimbili kuya kweziyishumi nanhlanu edlule.
Eminyakeni eyizigidi eziyikhulu edlule, iNingizimu Melika ne-Antarctica behlukaniswe nomhlaba wase-Afrika kanye nezwekazi lase-Afrika (elakade liphakathi nendawo enkulu yeGondwana lizungezwe ngamanzi. Lokhu kwaholela ukuthi umgogodla wezwekazi elincane 'ugobe', okwaholela ekubeni kudalwe ithafa elisogwini elisezingeni eliphansi elahlukaniswa nenkangala ephakemeyo ngondi olubukhali.

Isifunda Esikhulu Samanzi

©Roger DelaHarpe
Manje, umfula owawuzoba i-Orange (noma Gariep) wabayindlela enkulu yamanzi.Wavela ezintabeni zaseLesotho futhi kwageleza ngasentshonalanga ukuze ungene ulwandlekazi weAtlantic ngase-Alexander Bay namuhla. Khona-ke, cishe eminyakeni eyizigidi ezingu-65 edlule, ithwabi encane yemvelo yenza i-Orange ishintshe inkambo yayo. Wabe eseya eningizimu futhi wagijima ngesigodi seKoa ukuze afinyelele i-Atlantic eduze nomlomo we-Olifants River namuhla.
Lokhu kwakusho ukuthi izigidi zamathani wogedla ephethe idayimani manje sezotheleka olwandle, kuphela ukuba zihanjiswe umsinga i-Benguela ngasenyakatho. Ngemuva kweminyaka eyizigidi ezingamashumi amabili, nanoma kunjalo, enye ithwabi engaphansi komhlaba yabangela i-Orange ukuba ibuyele endleleni yayo yokuqala ngeRichtersveld eya e-Alexander Bay. Umphumela wakho konke lokhu ukuthi Sonke isifunda esisenyakatho-ntshonalanga yeNingizimu Afrika, kanye nesifunda esiseningizimu yeNamibia, sigcwele idayimane.
Ngokuhamba kwesikhathi isifunda esisentshonalanga yeNingizimu somile kancane eminyakeni embalwa yezigidi ezilandelayo.Umqothu i-Namib, enye yezindala kunazo zonke emhlabeni, yasungulwa phakathi kwezigidi ezingamashumi amane nezigidi ezingamashumi amane nanhlanu ezedlule. Ekugcineni, eminyakeni eyizigidi ezinhlanu ezedlule, isikhukhula esibandayo saseBenguela (ovela e-Antarctic) sibe yisona sizathu sesimo sezulu esibaluleke kakhulu kule ndawo eyomile. Lokhu kuhambelana noshintsho lwezulu olwenza ukuguquka kweNamaqualand kusuka ekubeni indawo yezimvula zasehlobo kuze kube indawo yemvula yasebusika.

Uthungulu i-Namaqualand

Isenzakalo sokugcina esikhulu ngokwezemvelo senzakala cishe eminyakeni eyizigidi ezinhlanu ezedlule, lapho ithafa elisogwini lwaseNamaqualand liphakanyiswa.
Lokhu kwaveza amathala olwande amaningana ambozwa kancane kancane izinhlobonhlobo zezinhlabathi. Kodwa-ke, Amadayimane ayigugu ayehlanganiswe nalennhlabathi esikhulume ngayo,namuhlanje sekuyimigodi yokugubha. Kufanele futhi siqaphele ukuthi izinsalela zasolwandle ezihlala ngaphansi kwamanzi nazo ziqukethe idayimane, futhi lezi zixhashazwa izikebhe zamadayimane ezimunca isihlabathi esibalulekile futhi ziyithuthele ezindaweni zokubeka ngononina ezisogwini.
Okokugcina okumele sikhulume ngakho: amadwala asanda kuvela kulesi sifundazwe atholakale emaphethelweni omfula i-Orange lapho kuneziqu eziyinqwaba zenzika yenhlabathi ngenxa yezikhukhula. Amanye ala mabhange angamamitha angamashumi amathathu phezulu kunamanzi wamanje, okukhombisa izikhukhula ezinkulu eningizimu ye-Afrika. Ukuhlowa kwala madwala kubonise ukuthi ezinye zalezi zikhukhula zenzeka eminyakeni engaba amakhulu edlule, okubonisa ukuthi kungenzeka futhi!

Izwe Lokungafani

Futhi-ke siza ekupheleni kwalesi sigaba salolu daba, futhi umphumela wokugcina yindawo esiyibonayo namhlanje: engenakuthamba, ebandayo, ithafa elinenhlabathi eningi ehlukaniswe, nendawo eyomile njalo ishisa izintaba eziningana.
Ngempela kuyisimo esingaqondakali sokuhlukana,okuphezulu kwamadwala ezintaba mlilo namadwala aguqulwe isimo. Njengoba uFrancois Odendaal noHelen Suich babhala encwadini yabo ekhuluma ngeRichtersveld, "Kunezindawo ezimbalwa eNingizimu Afrika lapho kukhona khona inqwaba yamayunithi omhlabathi namadwala abonakalayo, futhi ngokuyingxenye lezi zinhlobonhlobo zamadwala, kanye nokuphakama kwazo okuhlukahlukene, okwenza izinhlobo ezihlukahlukene zendawo yokuhlala eRichtersveld, okwenza ukuguquka kwezimila ezinjalo kube lula."

Translated by Nsika Khoza