I-Cape Rose Geranium

©Alice Notten of Kirstenbosch
ICape rose geranium enamafutha-Pelargonium capitatum x radens (rose)-ayintandokazi ezinhlobeni eziyi-700 zegeranium etshalwayo futhi eyinhlanganisela yamapelargonium amabili kwamathathu akhiqiza amafutha. Kukhona indida ngegama layo; lesi simila siyipelargonium kodwa ukwaziwa “ngegeranium” kunamathele iminyaka.
Lesi simila singesomdabu eNingizimu Afrika lapho abeSuthu babesebenzisa amacembe ukwenza inhlama yokwelapha ukuvuvuka nezilonda. Ngokwejwayelekile ukusetshenziswa kwayo kumbandakanya ukwelapha isilumo nezinkinga zokuphela kweqaku futhi iyasetshenziswa njengomuthi wokulwisa inkathazeko njengoba iqondanisa imizwa. Njengesithako kwizigcobo zobuhle, ifanelekile ukunciphisa amafutha amaningi esikhunjeni futhi iyasiza ekulapheni izisihla nokuhlumisa imithambo enqamukile. Iyasetshenziswa futhi embonini yokudla njengesinongo ikakhulukazi emikhiqizweni enombala obukhwebezane ngokuphaphathekile. Amafutha eCape Rose Geranium alwisana namagciwane, ukulunywa futhi axosha nezinambuzane njengoba equkethe igeranoil necitronellol.

Yize ingeyomdabu eNingizimu Afrika, itshalwa emhlabeni wonke jikelele ikakhulukazi eNdiya, eShayina naseGibhithe. Amacembe avunwa kathathu noma kane ngonyaka bese eyabiliswa ngomusi ukuze ikhiqize amafutha aluketshezi aluhlazana ngokuphuzi. Izindawo ezikhiqiza irose geranium kakhulu eNingizimu Afrika iMpumalanga, iKwaZulu-Natal, iWestern Cape neLimpopo. Lesi simila siyazwela amakhaza.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe