Flatworms

© Johan Boshoff

Igama

I-Flatworms

Igama LeSayensi

I-Pseudocerotidae

Usayizi

Ifikela ku 30cm, kepha ivamise ukuba ngu10cm.

Ibonakala ngani

Iyisicaba, ime njengehlamvu, inomzimba oshelelayo uyaphephezela emphethweni. Ngasonqenqemeni lwekhanda inezimbobo ezimbili zokuzwa umsindo nephunga eliseduze. Imibala yale nhlanzi ayifani kusukela konsundu, ompunga, oluhlaza satshani kuye kosawolintshi ogqamile nomnyama. Ezinye izinhlanzi zinezimila ezinjengeminwe emzimbeni.

Imininingwane

AmaPseudocerotidae awumndeni owodwa nezikelemu. Unganyakaza ngesivinini. Usebenzisa iziboya ezicocekile ezinamandla ukugudla ekujuleni kolwandle. Isebenzisa ikhala layo elide ukucupha ukudla kwayo. Ayinayo imbobo yangemuva yokuzikhulula.

Umzimba wayo oshelelayo uyisiza ukuphefumula umoya ohlanzekile. Le nhlanzi iwubulili bobubili iyakwazi ukushintsha ibe eyesilisa noma eyesifazane. Imbewu ephumayo ibekelela inqwaba yamaqanda.

Idlani

Zidla izilwane ezintanta emanzini nemisundu neminenke.

Itholakalaphi

Zitholakala kuzo zonke izimo zezulu zasolwandle emhlabeni.

Ezinye izinhlobo

Candy-striped flatworm - Prostheceraeus vittatus
Yellowspot flatworm - Thysanozoon nigropapillosum
Splendid flatworm - Pseudobiceros splendidus