Caracal
Indabushe

© Nigel J Dennis

Igama

Indabushe (Felis caracal)

Ibonakala Kanjani

Ikati elikhulu elonombala ompofu okubovana nezindlebe eziqondile ngobumnyama. Nesisu esinamachashaza angathi alontshi ngombala bese abanezinyawo ezinde. Lesisilwane sibalelwa emakatini amahle kunawo wonke emhlabeni. Indabushe lihamba ngendlela ekhombisa ukuziqhayisa namandla. Linokhono ekucaceni izihlahla kanti ilapho elicasha khona. Sekuke kwabonakala loluhlobo lwenkati elimyama kuphela ngomblala.

Zidla Nhloboni Yokudla

Lizingela ebusuku kuphela lelikati, kepha linokusebenzisa ukukhanya kokushona kwelanga uma lizingela lenzela ukubpna ukudla. Linokubanakala emini lelikati, ikakhulukazi umalizingela izinyoni. Umakubhekwa umzimba waleli kati linamandla futhi linesivinini, ldla ukudla okuncane njengama ngundwane, jerboas, ground squirrel kanya nama rock hyrax. Ikwazi nokubulala izilwne ezifana neNhlangu neXhisa. Lelikati likwazi ukugxumaela emoyeni ucude obungango 4- 5m lisebenzisa izinyawo zasemuva.ligxumela izinyoni.

Mayelana Nokuzala

Lelikati alinaso isikhathi esibekiwe sokuzala,elesifaza likwazi ukuhlangana nawesilis amathathu naphaphi lokuthi likhulelwe. Lizale izingane ezisuka kweyodwa ukuya kwayisithupha., azala emuva kokukhulelwa izinsuku ezingu78. Izingane zawo zikhula ngimzimba okulinganiselwa ku21gr ngosuku zibazindala ezinyangeni ezingu16- 18.

Aphila Kuphi

Lamakati atholakala ezikhotheni nasemahlathini ezintabeni, lapho etholakala khona ezindaweni ezingu 3000m ukuphakama. Lamakati ayakwazi ukuhlala isikhathi eside ngaphandle kwamanzi, kunaloko athila umswakamo ezilwaneni eziwadlayo.

Iindlela Eziphila Ngayo

Lelikati lizingela ebusuku, ekufihlekeni, lodwa kanti liyisilwane esinandla. Ngenxa yokuzingelwa abanini mapulzi ngokuthi lamakati abangi inking kuwenza angabe asatholakala noma abonakale.

Zitholakala Kuphi

Atholakala iningizimu Afrika yonke, ezindaweni ezomile emahlathini nasezintabeni.

Amaphuzu Abalulekile

Isisindo sawesifazane: 11 kg
Isisindo sawelisa: 15 kg
Ubude bawesifazane: 109 cm
Ubude bawesilisa: 117 cm
Isikhathi sokukhulelwa: Izinsuku ezingu78
Inani labantwana elibazalayo: 2 - 4 (kwesinye isikhathi 5)
Idlani: Idla inyama

Imizila Yezinyawo

Ibonakala ngobubanzi ima iqhathaniswa namanye amakati, kuthi phambili agqame phakathi nendawo.