African Giant Pouched Rat

Igama

I-African Giant Pouched Rat [Cricetomys sp. Ansorgei]
I-African Giant Pouched Rat idume ngelinye igama iGambian Poached Rat (iNgoso) kepha sezihlukanisiwe zenziwa amaqembu ababili makuqhathaniswa ne Southern Giant Pouched Rat

Ibonakala kanjani

Inomsila omude omhlophe nombala ekungcineni. Umzimba unoboya obumpunga njengegundwane elejwayelekekile ibe noboya obude kepha umzimba uthanda ukukhanya kancane ngebala. Izinyawo zangaphambili zimhlophe, ubuso budonsekile beseliba namadevu amnyama amade. Elidala lingaba ngu750mm ubude ukusuka ekhaleni kuya ekugcineni komsila. Ubude bomsila bungu 410 mm. Eliyiduna livamise ukuba nesisindo esingu1.3kg kuthi elensikazi libe ngu1.2kg. Linamehlo amancane azungezwe okusazinkophe ezimnyama.

Idla nhloboni yokudla

Idla izinhlobo eziningi zokudla kusuka enyameni kuya ezithelweni. Ekudleni ezikudlayo kungaba izinambuzane, izintithwane kanye nezithelo ngokwehluka kwazo. Linesikhwama esakheleke emzimbeni okuyiso esithwala ngaso ukudla.

Mayelana nokuzala

Limitha isikhathi esiyizinsuku ezingama-27, lingazala izingane ezimbili kuya kwezine. lizala ehlobo, izingane ziqala ukuzifunela ukudla umasezinamasonto ayisithupha beseziyathutha endaweni ezizalelwe kuyo uma sezinezinyanga ezintathu ubudala.

Indlela eliphila ngayo

Liphuma ebusuku kuphela, avamise ukuhamba ndawonye awobulili obufanayo ngaphandle kwesikhathi sokwenza abantwana. Zakhelene izindawo ezihlala kuzo ezamaduna nezinsikazi. Zihlala endaweni esehlathini, lapho livamise ukuna khona imvula.

Liitholakala kuphi

Kunezinhlobo ezahlukene zalezilwane kepha loluhlobo legundane lutholakala eNorthen Province kuphela.

AmaPhuzu amqoka ngalo

Amazwe amaningi eAfrika ayawaqeqesha lamagundane ukuze akwazi ukuhogela amabhomu agqitshwayo. Aqeqesheka kalula kunezinja kanti futhi akubizi ukuwafuya lamagundane. Ayafuyeka ezindaweni ezingahlanzekanga kanti okungaba yingozi ukuthi ayabadla abantwana abancane abuye alume nabantu abadala ngesikhathi belele.