African Black Oystercatcher
Unondwayiza wolwandle

© Roger de la Harpe
African Black Oystercatcher.

Igama

Unondwayiza wolwandle [Haematopus moquini]

Umndeni

Haematopodidae

Ubude bawo

Imvamisa unondwayisa wolwandle ungama-51cm ubude bawo.

Indawo ohlala kuyo

Unondwayiza wolwandle utholakala olwandle, ogwini, eziqhingini, emachwebeni nasezizalweni zemifula.

Ukukhala kwawo

Ukukhala kwawo okwethusayo kungumbelebele othi ‘titi titi titi’. Okunye futhi ukukhala kwawo okucacile nokuphindaphindayo kuthi ‘tshiyo’.

Ukuzalela

Isikhathi sokuzalela kwawo siqala kuMfumfu size sifike kuNdasa. Amaqanda angaba ngelilodwa noma amane futhi azalelwa emgodini ongashoni owendlalwe ngezibi noma ngezicucu zamagobolondo. Umbala wala maqanda umpunga, kanti anamachashaza kusukela kwangumbala obukhwebezane ngokuphuphile kuya kwansundu sakuba mnyama. Afukanyelwa izinsuku ezingama-28 kuya kuma-30. Amaphuphu kawakwazi ukundiza kuze kube yizinsuku ezingama-45.

Incazelo yamachwane

Onondwayiza bolwandle abancane banombala ogqunkqile onamachashaza ansundu namnyama, bese ngaphansi uba mhloshana kanti imilenze ithanda ukuba nsundu.

Incazelo aabakhulile

Unondwayiza wolwandle osukhulile uba mnyama bhuqe, usho ngemilenze ebomvu nomlomo obomvu. Unomlomo umise okweshizolo futhi uthe ukuba mudenyana kunekhanda. Imihlathi yawo kayihlangani ngasekuvulekeni futhi iyisicaba, yase iba yimimmese ecijile ekugcineni. Unondwayiza wolwandle unemilenze emifishane namehlo abomvu ngokugqamile azungezwe ngokuqanda.

Isimo sawo

Inakuba unondwayiza wolwandle uyinyoni evamile ukubonakala kodwa uthathwa njengezinye zezinyoni ezisengcupheni yokushabalala.

Ukusabalala kwawo

Unondwayiza wolwandle usabalele kakhulu ogwini lwasezansi ne-Afrika, kodwa uyingcosana ezindaweni ezehlukene. Utholakala kakhulu ogwini olunamadwala, ezihlabathini, emachwebeni nasezizalweni zemifula.

Olunye ulwazi

Unondwayiza wolwandle uthathwa njengosengcupheni, yize uvamile ogwini lweNingizimu Afrika naseNamibia. Isizathu esikhulu salokhu wukuthi izidleke zoNondwayiza ziphazanyiswa umnyakazo wabantu.