Stonefish

© Johan Boshoff

Igama elijwayelekile

Stonefish

Isidlaliso

i-Stinger, i-stingfish noma ama-ghouls

Igama lesayensi

Synanceiidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-35cm, ngokujwayelekile kuba wu-20cm.

Isakhiwo Sawo

Lolu hlobo lukafishi lukhulu futhi lukhuluphele. Isikhumba salo sibukeka engathi sembozwe yizinto ezingathi amaqhuqhuva. Alunawo amazenga. Imibala yalo ihlukahlukene ngokwezindawo olutholakala kuzo. Okuqapheleka kakhulu kulo wumlomo walo omi ngendlela ehlukile kofishi abajwayelekile.

Olunye Ulwazi

Iqoqwana lomndeni we-synanceiidae lunezizukulwane eziyisishiyagalombili nolunye uhlobo lwawo oluwu-36. Lunobuthi obuyingozi. Luyingozi kakhulu uma lugxobekile, kanti ubuthi balo buyabulala. Luvele lulale luthule du emadwaleni noma esihlabathini, kwezinye izikhathi luzemboze ngaso. Igama lalo lisuselwe endleleni olubukeka ngayo. Luzalela emanzini amaningi njengasolwandle.

Kudla

Lolu hlobo ludla ofishi abancane, izikhuphashe nezinambuzane.

Atholakala Kuphi

Lutholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo Oluvamile

Stonefish (Synanceia verrucosa)