Klipfish

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Klipfish

Igama Lesayensi

Clinidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-60 cm, ngokujwayelekile kuba wu-15 cm.

Isakhiwo Sayo

Umzimba omude, oya ngokuncipha ngasemsileni. Izigwedlo ezisesifubeni zilingana nomzimba ubude bazo. Izigwedlo zasemgogodleni ezinde ezisetshenziswa kakhulu ukuphumula. Izigwedlo zangemuva ziqala ezigwedlweni zasesifubeni zize ziyophuma emsileni. Umsila oyindilnga. Umbala uvame ukuba nsundu ngokungathi kubomvu noma okuluhlaza satshani. Iba sengathi iyakhanya ngaphansi.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-clinidae unezizukulwane eziwu-20 nezinye izinhlobo eziwu-73. Inezindevu sengathi ngezekati ezindaweni ezahlukene ekhanda. Amazenga ayo awabonakali. Itholakala ezindaweni ezinokhula eduze nolwandle nasemahlokozini. Uhlobo oluthukayo kakhulu. Amaqanda ayo iwazalela emahlokozini bese eyesilisa kube yiyo ewagadayo aze achamisele.

Ukudla

Idla izimbambela, iminenke nezikhuphashe.

Itholakala Kuphi

Itholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.