Groupers

© Jean Tresfon

Igama

Grouper, Rockcod

Isiteketiso

Bass, Coral groupers

Igama lesayensi

Epinephelinae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha angama-40 ubude, kodwa ingakhula ize ibe ngamamitha amabili.

Ibonakala ngani

Lena yinhlanzi eqinile enomzimba obacakile nomlomo omkhulu. Ivame ukuba nomsila othanda ukuba yindilinga – ngaphandle kwe-Lyretail Rockcod. Ama-fin okugwedla asesifubeni nawo athanda ukuba yindilinga. Imibala yale nhlanzi iyashiyana kusukela konsundu onamabala amhlophe kuya kobomvu ngokugqamile.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Epinephelinae unemikhakha engama-31 nezinhlobo ezingama-99. Ama-Rockcod yizinhlanzi ezinkulu (zingafika kumakhilogremu ayi-179) futhi zijwayele ukubonakala ezindaweni ezinamatshe noma isihlabathi esiphakeme olwandle. Le nhlanzi uyatholakala nasezindaweni ezinamadwala aphakeme ogwini lapho amagagasi eshaya khona abuyele emuva.
Uhlobo lwale nhlanzi olwaziwa nge-Potato Bass kalubexwayi abatshuzi uma lubabona. Uma idla igwinya konke ukudla bese ikufahlaza ngemihlathi yayo eqinile. I-Rockcod iyakwazi ukushintsha ubulili, isuka esifazaneni iya esiliseni. Le nhlanzi uma izalela amaqanda iyawasaphaza nomaphi olwandle, ayiwabeki ezidlekeni.

Ukudla

Idla ezinye izinhlanzi, izingwane, izinkalankala nama-lobster.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Coral rockcod (Cephalopholis miniata)
Lyretail rockcod (Variola louti)
Potato bass (Epinephelus tukula)