Damselfish

© Johan Boshoff

Igama elijwayelekile

I-Damselfish

Ezihlobene

I-Garibaldis, i-Gregories, i-Sergeant-majors, i-Chromis, i-Night-sergeants.

Igama lesayensi

Pomacentridae

Ubukhulu

Kusukela ku-30cm kodwa iningi lazo lithi alibe wu-10cm.

Ibonakala ngani

Zinomzimba omude omise okweqanda. Zinamazenge amahhadlahhadla amakhulu. Zinezigwedlo eziyindingilizi nezifana nezimfoloko. Zinemibala ehlukene njengomnyama, omhlophe nokuphuzi ngokuqhamile, owolintshi noluhlaza okusasibhakabhaka.

Imininingwane

Umndeni wePomacentridae unezinhlobo eziwu-28 bese kuthi ezifana nazo zibe wu-321. Ziningi kakhulu ematsheni angaphansi kolwandle. Zinokucasha ngaphansi kwamanzi uma kuza ingozi. Ezinye zalezi nhlanzi zihlala endaweni eyodwa. Ezesilisa zakha izidleke ematsheni bese kuthi ezesifazane zizalela amaqanda, kuthi ezesilisa ziwalumbanise.
Ezamadoda ziyaye zivikele amaqanda izinsuku eziyisikhombisa.

Zidlani

Kuya ngokuthi zihlala kuphi, zidla izihlahla zasolwandle, nonoshobishobi nezinkalankala ezihlala ngaphansi kwamanzi.

Zizalana Kanjani

Zizalana kuzo zonke izimo zezulu ezilwandle zomhlaba wonke.

Izinhlobo Zazo

Chocolate dip damselfish - Chromis dimidiata
Sergeant major damselfish - Abudefduf vaigiensis
Domino damselfish - Dascyllus trimaculatus