Weisser Riesling

© Glenneis Kriel

Incazelo

I-Weisser Riesling yinhlobo yamagilebhisi eyenza iwayini elimhlophe, ne wayini elikhazimulayo. Inoshukela omncane kodwa iyawenza na mawayini anoshukela, iphunga lama wayini yilelo lezithelo. Lenhlobo yamagilebhisi eGermany kuthiwa yinkosi yemvini. Ukuhlaziywa kwe DNA yalenhlobo kwabonisa ukuthi i-Gouais blanc yenye yabazali be Weisser Riesling, kodwa oyena ngqo womzali akwazeki kahle, amahimhim athi, i-Traminer.

Umsuka

I-Weisser Riesling yaqala ukutshalwa Eyurophu ngama Middle Ages, eRhine Valley eGermany. Ngekhulu leminyaka eyi 19 – 20, lapho amanani wokudayiswa kwale wayini ayeqathaniswa nalawo we Burgundy ne Bordeaux.

Amanye Amagama

Kubalwa: i-Rhine Riesling, Riesling, Petit Riesling kunye ne Ryn-Riesling.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

I-clone lokuqala le Weisser Reisling lalethwa eNingizimu Afrika ngonyaka we 1960, yase yadayiswa okokuqala ngo nyaka we 1970. Inkinga yokuqala abadayisi balewayini ababanayo eyokuthi yayididaniswa ne Cape Riesling, yona kahle kahle ekuyi Crouchen.
Ukulungisa lenkinga umthetho washintshwa ngonyaka wama 2010 ukuze leligama elithi Riesling kubizwe ngalo amawayini akhiqizwe nge Weisser Riesling kuphela. Abakhiqizi be Weissier Riesling eNingizimu Afrika sebaze baqala iqembu abaliza ngokuthi yi Just Riesling Association ukuze bafundise abantu ngalenhlobo ye wayini.

Izindawo ez Ikukhiqizwa Kuzo

Noma umvini we Wiesser Riesling utholakala la ekhaya kodwa izindawo ezikhiqizwa kuzo aziningi. Umvini omningi utholakala Stellenbosch, bese kubayi Cape South Coast ne Paarl. Lenhlobo ikhula kahle ezindaweni ezipholile.

Ukukhula

Lenhlobo ikhula kahle. Amathoni atholakala kwi hektare eyodwa ayi 10 -12.

Amajikijolo

Amajikijolo alenhlobo mancane amanye aphakathi ne ndawo, futhi aluhlaza abuye abenezindawo ezisagolide ngokombala. Ikhasi lazo lijacile futhi liqinile. Inyama yawo ithambile futhi inamafutha.

Amaqabunga

Amaqabunga alenhlobo anxazonke, anamadlebe amahlanu, umbala wawo aluhlaza.
©Glenneis Kriel

Pests and Diseases

I-Weisser Riesling ivame ukubane botrytis nokubola okuyenza ukuthi ibemuncu.

Ukusetshenziswa

La ekhaya lenhlobo yamagilebhisi kwenziwa ngayo iwayini eyomile noma iwayini ledessert e North Late Harvest noma i-Natural Sweet.

Ukunambitheka

Lenhlobo yewayini umbala wayo usagolide, futhi anephunga elingathi elezithelo noma i-muscat.

Translated by Nwabisa Ngumbela