Wandering Jew
UmJuda Ongumhamb’uma

Igama

I-Wandering Jew [UmJuda ongumhamb’uma]

Igama lesiLathini

Commelina Livingstonei

Incazelo

I-Wandering Jew yikhambi elikhula iminyakana nelingashabalali kalula; isiqu sinamalunga amade ashwabene futhi ahluma ezansi kwamalunga, kanti amacembe aso ayashintshashintsha. Imbali yalo iyacacamezela futhi ihlala amahora ambalwa.
Kuqhakaza imbali eyodwa noma ezimbili ngesikhathi bese ekhula ngaphakathi kwesithombo. I-Wandering Jew iqhakaza kakhulu entwasahlobo, nangezinye izikhathi kepha kuya ngokuthi lina kangakanani. Impande yayo ibuye isetshenziswe ngabantu baseNingizimu Afrika ukwelapha izifo.

Itholakala kuphi

I-Wandering Jew itholakala ezindaweni ezinotshani, ikakhulukazi eNtshonalanga Kapa naseKruger National Park.

Olunye ulwazi

Ziningi izitshalo ezibizwa ngokuthi ngama-Wandering Jew. Leli gama lisuselwa enganekwaneni ngendoda engumJuda, okuthiwa yaqalekiswa ukuthi iyakuba ngumhambuma ngoba kuthiwa yayichulukuza uJesu, ngesikhathi eya emNqamlezweni.