Vine Snake

© Roger de la Harpe

Igama

Inyoka Yomvini Yase-ningizumu, Inyoka i-Twig, Inyoka Yenyoni [Thelotornis capensis capensis]

Uhlobo

Reptilia

Umkhakha

Squamata

Umndeni

Colubridae

Izinhlobo zayo

Zintathu izinhlobo zale nyoka ezaziwayo.

Ubude beyifazane

975 mm

Ubude beyesilisa

1 062 mm

Incazelo

Lena yinyoka ezacile enekhanda elimise okwekhanda lomkhonto namehlo amakhulu, anechashaza elimise okwembobo kakhiye phakathi nendawo. Inezegece (scales) eziyimigqa eyi-19 maphakathi nomzimba zibheke phansi. Le nyoka, enomsila omude, inombala ofana nezinsephe zamagantsha okumila kuzo amahlamvu.

Indawo

Le nyoka yande kakhulu empumalanga naseningizimuye-Afrika. Maphakathi nasentshonalaga ye-Afrika le nyoka iya ngokushabalala ngoba idliwa yinyoka i-T.kirtlandii.

Ukuzalana

Inyoka yesifazane ibekela amaqanda amane kuyakwayi-18 ehlobo. La maqanda, amancane futhi amade, achamisela emuva kwezinsuku ezingama 60 – 90. Inyoka encane iba ngamamilimitha angama-230 kuya kwangama-331 ubude, namagremu amathathu kuya kwamane isisindo.

Ubuthi

Le nyoka isebenzisa ubuthi noma izihlungu ukubulala ukudla kwayo. Emuva kwalokho iba seyikugwinya ilenga ibheke phansi.

Ukudla

Le nyoka idla izibankwa, amaselesele, izinyoni ezincane nezinye izinyoka.

Olunye ulwazi

Inyoka i-Vine Snake ibuye yaziwe nge-Twig Snake ngenxa yombala wayo ofana nezinsephe zamagantsha abamba amaqabunga ezihlahleni. Iphinde yaziwe nge-Bird Snake ngenxa yomkhuba wayo wokudla izinyoni ezincane.