UNelson Mandela noGraca Machel

©Dr Peter Magubane
UNelson Mandela noGraca Machel
Ngesikhathi uNelson Mandela eneminyaka engamashumi ayisikhombisa nesithupha wazithola esemathandweni engakulindele. Wahlangana noGraca Machel ngo-1990, ezinyangeni ezinhlanu ngaphambili kokukhululwa kwakhe ejele lapho eya eMozambique.
Ngemuva kokuba umyeni kaGraca Machel, uSamora Machel, eshonile ngo-1986, uMandela wabhala incwadi ethi: "Usuku lonke sizokulila isosha elinamandla, indoda enesibindi, umbusi ohloniphekile. Kufanele sikholwe ukuthi ukufa kwakhe kuzokuqinisa ukuzimisela kwethu ekugcineni sikhululeke. ... Umzabalazo wethu ubuhlangene futhi sizobe sinqoba ndawonye. "
Ngemuva kokuhlukaniswa kwakhe, ngo-1996, kusukela ku mama uWinnie Mandela, uNelson Mandela waqala ukushela uMachel. Bobabili bakhathazekile ngokuthi amazwe abo angakuvumeli umlingani wangaphandle, kodwa nokho bashada ngosuku lokuzalwa luka Mandela lapho egubha iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili yokuzalwa ngo-1998.
Isithombe sibonisa lapha uMadiba noMachel ngemuva kwengxenye yokuqala yomshado wabo wesiko lwamaXhosa.

“Kwelami izwe, siya ejele kuqala bese siba ngo Mongameli.” ~Nelson Mandela

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more