Umlando Wezowohwebo Lukanogwaja eNingizimu Afrika

©Karoline Steenekamp
Ukukhiqizwa konogwaja kwezohwebo kuqale eNingizimu Afrika ngemva nje kweMpi Yezwe yesibili. Onogwaja zingenye yezinhlobo ezimbalwa zenyama ezazitholakala ngenkathi yempi eYurophu futhi labo ababengamasosha babona ithuba lokungenzeka. Amakheji okuqala aakhiwe ngepeni lensimbi futhi bekuhla oluthathu oluphezu kolunye.
Unogwaja owayefuyiwe owaseNew Zealand omhlophe nowaseNew Zealand obomvu ngasekupheleni kwawo-1940 kusukela eNgilandi. Abasemelika bafika eminyakeni yama-60 nonogwaja waseNew Zealand omhlophe ohlukile. Laba babengabakhiqizi bezentengiselwano abangcono kunabasenNgilandi kanti okwamanje uhlobo lwaseMelika olumhlophe lwaseNew Zealand kuphela olusetshenziswa eNingizimu Afrika.
Kusukela ku-'Transvaal ', ukufuywa kwanogwaja kwasabalala eNatali njalo amapulazi amaningana amakhulu asungulwa kanti iningi lenyama likhishwa niya emkhumbini. Ngesikhathi esifanayo izinhlobo zonogwaja zokuqala zokuhweba ezangeniswa ezweni ama-Giant Flemish (unogwaja ongumfekethiso kodwa kahloselwe ukukhiqiza inyama) kanye nama-Silver Foxe ('inhloso emibili') zangeniswa ziphuma e-UK kodwa abalimi bezohwebo babe nesithakazelo kuphela enyameni ezinsukwini zakuqala.
UMarion Keller (umbhali wencwadi ethi 'Rabbit Breeding eNingizimu Afrika' eyanyatheliswa maphakathi no-1970) wayengomkhiqizi bokuqala bezokuhweba futhi waqala ipulazi lakhe eGoli ngonogwaja benyama nama-Angoras.
Phakathi nonyaka wama-1960 uNkosazana Keller waba nesithakazelo ekuthuthukiseni umkhiqizo wesibili - uboya lonogwaja - futhi waxhumana noThorer eKapa, ochwepheshe bohlobo lwemvu efuyelwa isikhumba sayo. U-Thorer wabe eseqothula wonke amaphilisi atholakalayo. Ucwepesh wezoboya u-Breger wayethunga amajazi amahle, amabhantshi, izigqoko esebenzisa uboya lweRex, Fox ne-Beververan. Lezi zinhlobo zonogwaja ezifuyelwa uboya bezingeniswe kancane kancane ngabalimi abahlukahlukeneyo phakathi neminyaka. Uboya olunekhwalithi ephansi benudayiswa emibonisweni yezolimo njenge-Goodwood show eKapa, iRandi show neRoyal Show eMgungundlovu.
Umkhandlu waseNingizimu Afrika wonogwaja wakhiwa cishe ngo-1950 eGoli. Inhloso ukusekela imboni yonogwaja ekhula ngolwazi, imibukiso nokusekela kokumaketha. I-Rand Show ka-1952 yayinenkulungwane yonogwaja ezahlulelwa uMarion Keller, uBill Elliot, uRonnie Watters kanye noMnumzane G M Stewart. Kuze kube manje, akuzange kube khona ukubonisa ngaleyo nani enkulu yokungena.
Ngeshwa, imibona yokucebisa ngokushesha yangena embonini ethuthukayo, okwaholela ekulahlekelweni okunzima ngabantu abasha abangaziwa embonini. Lokhu kwavezwa yikugila kuma-1980 lapho abalimi abangenakulindelekile bakhuthazwa ukuba bafuye onogwaja ngaphansi kwesivumelwano. Izinkulungwane zonogwaja zahlonywa ngaleso sikhathi kepha azizange zifinyelele endaweni yokuxoshwa, njengoba kungekho ukukhushulwa kwemakethe okwenziwa. Amakhulu abantu alahlekelwa izinkulungwane zamaRandi futhi imboni yawa ngokuphelele. Kwakungabalingisi kuphela namalungu amakilabhu azalisa izinhlobo ezikhethekile, abasinda.
Umkhiqizo wonogwaja emhlabeni jikelele namuhla usesimeni esihluke kakhulu. Abalimi bethu manje kufanele babe ngabanini bemfuyo ukuba basinde njengoba izinsuku zokungenisa isitoko esisha ngokushesha seziphelile. INingizimu Afrika inenhlanhla ngoba ingenye yamazwe ambalwa emhlabeni angenazo izifo ezimbili ezibulalayo - i-myxomatosis kanye nesifo se-viral hemorrhagic. Ngenxa yalokho, imingcele yethu ivaliwe ukuba ingeniswe ngakho abafuyi kufanele basebenze nemfuyo abanazo, bethuthukise kuzona kanye namapulazi kahle.
Ngokungafani kwesimo saseNingizimu Afrika ngo1980 manje sinomhlangano wabalimi, ngaphansi kwegama -Coniglio Rabbit Meat Farms. Le nkampani inezimakethe ezithunyelwa ngaphandle, izindawo zokuhlaba kanye nokunikeza abalimi uhlelo oluhle kakhulu lwebhizinisi.
Kodwa-ke, kubalimi abafisa ukuthuthukisa izimakethe zabo, kunamathuba okuthola imali ngokukhiqiza inyama. Sicela ukhumbule ukwenza konke okudingekayo emsebenzini wesikole ngaphambi kokuqala - ukuqinisekisa ukuthi izindawo zokubulala kanye nezimakethe ziyatholakala ngaphambi kokuzala.

Translated by Nsika Khoza