Ukunakekela Amalungu Omnendi Anengculazi

Nothando Kbukeli’s indodakazi nomzukulu ka Nothando banengculazi. Omunye umuzukulu wakhe uSandiswa akaboni futhi unezinye izifo. UNothando usixoxela ngendlela i-GAPA yamsiza kanjani.

Usandiswa Nokulwa Igciwane Lengculazi

©Eric Miller

Umzukulu wami omdala uSandiswa uneminya eyi 18 futhi akasaboni. Ngenkathi eneminyaka eyi 14, waqala ukubanezilonda ezinkulu ekhanda. Lezi kwakuzimpawu zokuqala ezibonisayo ukuthi unengculazi. Ngayakusho lokhu ngoba sengikwamukele.

Kubalulekile ukuthi ukwamukele lokhu ngaphambi kokuthi ukuze uzokwazi ukumelana nakho. Usandiswa samhambisa a Groote Schuur isibhedlela esikhulu sahulumeni waseKapa. Yilapho basitshela khona ukuthi unengculazi, futhi yaseyenze umonakalo omngi emzimbeni wakhe.

Ngalesosikhathi waseyetho ukukwelashwa. Odokotela bathi imithi yakhe akayidli kahle, yingakho engasaboni. Masiphinda simusa kwadokotela futhi, wathi une TB kodwa izolapheka. Uzacile futhi ucindezelekile akasakhulumi, akasakhulumisi nabazala bakhe.

Imithwalo Yemfanelo kaGogo

©Eric Miller

USandiswa ufunda esikoleni sabantu abangaboni eWorcester, simlungele lesikole. Ngempela sonto uyabuya aze ekhaya, lapho anakekelwa yimi.

Ngimwashela izimpahla zakhe, ngimenzele konke akudingayo. Ngezinye izikhathi, imithwalo yami iyangihluph Nginemithwalo yemfanelo enkulu, nginakekela abazukulu bami, futhi nginesifo sikashukela, umfutho wegazi ophezulu kanye nesifo samathambo.

Isikhati esiningi ngizizwa ngikhathele ukuzidabukela ngalokhu okwenzekile emndenini wami, engingakwenza ukukhala kuphela. Loluhlobo lobuhlungu alupheli, luyahamba kodwa malibuya libuya ngamandla agcwele. Indodana yami uAndile naye ungengculazi, wasitshela ngalokhu futhi uyisishoshovu. Uphile kahle. Uya emtholampilo lapho aluleka abantu abahlolwayo. Unamandla.

Amandla ka Gogo

©Eric Miller

Ekuphileni kwami kwansuku zonke nginamandla. Omama be GAOA bayangisiza, bayangeseka kakhulu. Siyaseka ngoba sibhekane nobunzima obufanayo.

Kodwa kuzikhathi lapho engingakwazi ukuya khona emhlanganweni ngoba akunamuntu ozonakekela izingane. Ukunakekela abazukulu bami kubalulekile kimi. Nomsebenzi wami wokuba isangoma ubalulekile, okunye angisenandaba nako.

Translated by Nwabisa Ngumbela