Ukulunyulwa Kukanogwaja

© Karoline Steenekamp

Izixhumo zincela kunina okungenani amasonto amane, yize eyolinciphisa inani neqophelo lobisi lwakhe uma seziqala ukudla ukudla okuqinile. Zingalunyulwa emasontweni amane. Ezimbonini zonogwaja eziphezulu, zonke izixhumo zilunyulwa emasontweni amane ngoba onina bazobe bekhwelisiwe ezinsukwini ezimbalwa bezalile.
Kuyangendlela yakho yokufuya nokondla, angikuncomi ukulumula ekuseni kangaka. Ngithanda ukukhwelisa isibili emva kwamasonto amabili noma amathathu kuphela emva kokunyelezela uma insikazi isesimweni esihle. Izixhumo zayo bese zilunyujlwa emasontweni ayisithupha. Lawo masonto amabili enonina anika amashiyanja isikhathi sokufunda kumama aphenduke amashiyanja aqinile anogqozi.
Imfuyo elunyulwe isencane ivame ukuba nenkathazeko kanti inkathazeko yiyo eyimbazngela enkulu yokufa konogwaja. Izixhumo ezikhathezekile zingangenwa kakhulu yizifo ezahlukene. (Bheka Ezempilo).

Ekulumuleni, hlukanisa zonke izixhumo ngokobulili, babekise ngepeni lombala-lapho bebekiseka ngakhona, uhlukanise amasikazi emaduneni (onogwaja besilisa). Amaduna namasikazi asuka emindenini emibili noma emithathu bangabekwa manje ezibayeni abozokhulela kuzo noma ezibayeni zemihlambi kuze kube bakulungele ukuhlungelwa ukuthi babe imfuyo yangomuso, imfuyo ezothengiswa noma imfuyo ezohlatshwa.
Qinisekisa ukuthi uhlukanisa kahle ubulili. Iqoqo elixubile lilwa okudlula iqoqo lobulili obubodwa futhi iduna elilodwa emhlambini wamasikazi lingakhuthala kakhulu kusukela ezinyangeni eziwu-4 zobudala bese uhide lwezixhumo luyafika. (Bheka izithombe esihlokweni esithi: Ukuhlukanisa Ubulili).

Translated by Zoza Shongwe