Ukulawula Ukhunta Okwemvelo

© Louise Brodie

Isikhunta kungaba nzima ukulawula ohlelweni lokulima ngokwemvelo; umuthi wokubulala ukhunta odayiswayo awufanele ukusentshenziswa uma ulima ngokwemvelo. Umuthi wokubulala ukhunta ngokuvamile umfafazo wethusi. Indlela entsha yokulawula isikhunta ukufaka isikhunta esiwusizo. Kuyindlela ejwayelekile kakhulu yokulawula. Isikhunta esiwusizo sikhona ngobuningi futhi sincintisana nesikhunta esiyingozi.

Isikhunta esiwusizo esiningi siyaphikisana nesikhunta esibi futhi sixoshe noma siqede. Kunezinhlobo ezahlukene zokhunta ezingasetshenziswa, kodwa okuyaziwa kakhulu yi-Bio-trichio. Faka lokhunta kwisitshalo nomhlabathi. Cishe zonke izikhunta zizwela isibabuli esisampushana.

indlela ukufafaza umbhubhudlo owezipunu zetafula ezintathu zikavinika oxubene nelitha elilodwa lamanzi. Ukulawula okuvamile kwezitshalo eziphethwe ukhunta ukufafaza ngengxube yamanzi nobisi. Le nhlanganisela iqukethe inkomishi eyodwa yobisi, inkomishi ezine zamanzi kanye nesipuni ezisodwa soketshezi wokuwasha izitsha. Ubisi luqukethe isikhunta esihle esizokwanda phezu kwesikhunta esiyingozi.

Isihlambululi sisiza inhlanganisela ukuba iboshwe namaqabunga hhayi nje ukuwa. Abalimi baseMelika basebenzisa isikhunta esiwusizo ukuze banciphise amagciwane.

Imbewu yokufa efana ne-Trichoderma (T. koningii ne-T. harzianum), i-Streptomyces griseoviridis ne-Bacillus subtilis ifafazwa empandeni noma isetshenziselwa ukuphatha imbewu ngaphambi kokutshala. Ithuthukisa imbewu yokufa ewusizo enhlabathini futhi kukhuthaze ukukhula. Isetshenziselwa izifo ezifana nePythium, i-Rhizoctonia, i-Botritis, i-Scelerotinia, i-Fusarium, i-Phomopsis, i-Alternalia ne-Aspergillus.

Translated by Nsika Khoza