Ukukhuculula Amahhoko Onogwaja

© Karoline Steenekamp

Amahhoko kumele kubelula ukuwahlanza nokuwaphatha. Kuhle ukuwabeka emigqeni ecolekile phezu kwethala elilodwa noma amabili. Iminyango yamahhoko kumele ibemikhulu ngokwenele ukuze ukwazi ukukhipha unogwaja kalula futhi ubenesiqiniseko ukuthi ahlanzeka kalula.
Ethaleni elilodwa, umnyango ungaba ngaphezulu noma ngaphambili kwehhoko, kodwa emahhokweni abekwe phezu kwamathala amaningi alakanyene, umnyango kumele ubengaphambili. Izibamba-mnyango kumele ziqine ngokwenele ukuze ziqinisekise ukuthi onogwaja abaphumi. Uma amahhoko ebekwe emigqeni, khumbula ukushiya indlela phakathi kwamahhoko, ibebanzi ngokwenele ukuze usebenze kahle. Kufanele ukwazi ukuthi uqhube ingolovane phakathi komugqa.
Umquba umkhiqizo obalulekile otholakala ngofuya onogwaja. Ungawulahli umquba noma utshani bomendlalelo ngoba lokhu kuyigugu elingaphendulwa umquba wengadi yezilimo zakho. (Bheka isahluko “Umquba” ukuze ufunde banzi.)
Imigandelo yamapulangwe kumele ibenomendlalelo. Lokhu kungaba imvuthu yokhuni, izinhlanga noma utshani obomile. Amahhoko ocingo alengisiwe kumele abenezingqoko zokukhongozela umquba phakathi kwawo. Lokhu kungaba yithileyi noma ipulasitiki esindayo engabekwa ngaphansi kwehhoko elingaphezulu.
Umgandelo ongaphansi kwamahhoko kumele ushanyeleke kalula. Uma kunomgandelo oyisihlabathi, kumele ushanyelwe nsukuzonke bese kuthi ongusimende ubenemvuthu yokhuni noma isihlabathi esingasuswa sibekwe enqwabeni yomquba.
Asikho isidingo sokuthi ubasuse onogwaja uma ukhuculula amahhoko abo njengoba onogwaja bengenandaba uma umuntu ethinta amahhoko abo. Ngaphandle kwezimo ezingajwayelekile lapho ufutha ihhoko ngesifutho somlilo (iblowtorch), lapho okwakunonogwaja ogulayo, yilapho-ke odinga khona ukumsusa unogwaja.

Translated by Zoza Shongwe