Ukuhlukaniswa NokuPakishwa Kwamaqanda

© Chris Daly
Cleaning eggs.

Ukuvikela abathengi nokuvimbela ukuxhunyaniswa kwamanye amazwe, abakhiqizi kumele bahambisane noMthethonqubo no-725 olawulwa ngaphansi koMthetho wamaZiko wezoMilo, uMthetho No. 119 ka 1990 uma befuna ukuthengisa amaqanda.

Ukulinganisa Okulungile

©Chris Daly
Lokhu kusho: Amaqanda obukhulu obuhlukile angeke ahlanganiswe ndawonye esitsheni esifanayo futhi kufanele aboniswe ngokwehlukana uma kuthengiswa okuxekethile.
Izisindo ezilandelayo ziyasetshenziswa:
  • Iqanda le-Super Jumbo kufanele libe nesilinganiso esingaphezu kuka-72 g
  • Iqanda leJumbo kufanele libe nesilinganiso esingaphezu kwama-66 g
  • Iqanda elikhulu kakhulukufanele libe nesilinganiso esingaphezu kuka-59 g
  • Iqanda elikhulu kufanele libe nesilinganiso esingaphezu kuka-51 g
  • Iqanda eliphakathi kufanele libe nesilinganiso esingaphezu kuka-43 g
  • Iqanda elincane kufanele libe nesilinganiso esingaphezu kuka-33 g
  • Ubukhulu obuxubile bufanele bube ngaphezu kuka-33 g futhi kufanele bubekwe ngokucacile njengamazinga ahlanganisiwe ngisho nalapho kuthengiswa ngokwehlukana ukuvimbela ukudideka.

Ukuhlukaniswa Okulungile

Amaqanda anamamaki ahlukene angeke ahlanganiswe ndawonye esitsheni esifanayo futhi kufanele aboniswe ngokwehlukana uma kuthengiswa okuxekethile. Amaqanda angahambisani nebanga lokuqala, lesibili, noma lesithathu angeke athengiswe eNingizimu Afrika.

Sigaba Soquqala/Zinga A

Ingxenye emhlophe kufanele ibe khulu futhi iqanda kufanele libe nesikhuluphashi esijikelezayo, esihlelekile. Ingqamuzana yomoya kufanele ibe ncane, ibe ukujula okungaphezulu kuka-6 mm, futhi ihamba ngaphansi kuka-6 mm kunoma iyiphi indlela lapho iqanda likhonjiswa khona.Iqanda akufanele libe namabala okudla futhi igobolondo kufanele ihlanzeke, ingaphukile futhi iqine.
Ingxenye emhlophe yeqanda kufanele ibe nenani le-huagh amayunithi angamashumi amahlanu nanhlanu. (Lokhu kulinganiswa kubheka izinga leprotheyini leqanda, ngokusekelwe yibude bengxenye emhlophe. Amaqanda amazinga aphezulu anengxenye emhlophe enkulu kunalawo asezingeni eliphansi.

Sigaba Sesibili /Zinga B

Ambalwa kakhulu kula maqanda athengiswa ezitolo zokudayisa.Isikhuluphashi ihlelwe kancane futhi ingxenye emhlophe incane kunale esebangeni lokuqala. Ingqamuzana yomoya inesisindo esiphezulu kwasishiyagalolunye amamilimitha (9mm) futhi ihamba ngaphansi kwayishumi nambili amamilimitha (12mm) kunoma iyiphi indlela lapho iqanda likhonjiswe khona. Igobolondo ayinqamuki, ingaba nokuthungwa okunamandla futhi kungenzeka inindeke kancane. Ingxenye emhlophe kufanele ibe nenani le-huagh eliphansi kwamyunithi angamashumi amathathu nanhlanu.

Sigaba Sesithathu/Zinga C

Lezi azithengiswa ezitolo zokuthengisa. Isikhuluphashi siphathaziwe futhi singaba ngunxande ngesimo, kanti ingxenye emhlophe inomzimba omncane namanzi. Igobolondo kungenzeka inindekile noma inomdabuko.

Ukupakisha NokuMaketha

©Chris Daly
Ukupakisha amaqanda akufanele kunikeze noma yikuphi ukunambitheka noma iphunga. Kumele ube namandla, ungapheli futhi uvale kahle ukuvikela amaqanda ngesikhathi sokuphatha nokuthutha. Akufanele kumunye umswakama ngokweqile ngesikhathi sokupholisa futhi kufanele ihlanzwe amalebula wangaphambilini futhi kufanele asuswe, uma isitsha senziwa kabusha ukuze sisebenziseke.
Amabhasikidi awuhlobo olufanele lokupakisha lapho kuthunyelwa ezindaweni ezingekho kude nokuqoqa amaqanda,isithebe kanye namaphakeji enhlakalucwazi. amaqanda akhiqizwa izinkukhu ezihamba ngokukhululekile,namaqanda avikelwe ezifweni kudingeka ahambisane nemithethonqubo ukuze kubizwe kanjalo.
Ulwazi olulandelayo kufanele lubekwe kulabula:
  • Igama lomkhiqizo
  • Igama lenkampani (igama lokuhweba)
  • Imininingwane yepakethe
  • usuku lokubola
  • Inani lamaqanda
  • iMetrology yezohwebo
  • Usayizi
  • Izwe azalelwe kulo

Translated by Nsika Khoza