Ukufuya Unogwaja

© Judy Stuart

Imithetho Enqala yoKufuya Unogwaja

Njalo fuya imfuyo esezingeni eliphezulu ongayikhona ukuyithenga. Kunezinhlobo ezikhethekile ezidalelwe imikhiqizo ethile noma inhloso ethile. Ukusondela kwemfuyo yakho emigomweni yokufuya lolo hlobo oluthile, unamathuba angcono okukhiqiza umkhiqizo wezinga eliphezulu.
Thenga njalo imfuyo yakho yokuqala kumfuyi othembekile ongakunika ulwazi mayelana nohlobo oluthengayo. Lokhu kumbandakanya izinsuku zokuzalwa nemilibo yabazali baleso naleso silwane.
Ungaxubi izinhlobo. Ubunye bomkhiqizo yikho okunceda ekufezeni izinhloso zokufuya kanti ukuxuba izilwane ngeke kwenze lokho. Umfuyi akazi ukuthi yini ezobangumphumela.
Uma ukuxubanisa kwenzelwe ukudala uhlobo olunamandla esizukulwaneni esisodwa, lesi sizukulwane kumele sithathwe ‘njengesokugcina’ futhi singasetshenziselwa ukufuya kwangomuso. Ukuxubanisa kuvumelekile kuphela uma kungumfuyi ogogodile ngolwazi okhetha ukuxuba (ukukhiqiza umbala omusha, noma ukuhlanza uhlobo okokuqala nqa) futhi ekwazi nokubulala noma yini evela kulezi zivivinyo zokufuya.
Kokubili amaduna (abesilisa) namasikazi (abesifazane) kumele babeyimiqemane uma bekhwelana. Isilwane esibuthaka noma esiqothuka uboya akumele sizaliswe kuze kube siyasinda qingqo. Kokubili amaduna namsikazi kumele kube kuncane ngokweminyaka noma ngesisindo ukuze kuzalisane.
Iminyaka emincane efanele yokuzala yizinyanga eziwu-5 kuya ku-6 zamaduna namasikazi. Ukuzalwa kobungako obuphakathi nendawo noma imidondoshiya, amaduna kumele abeyizinyanga eziwu-6 kuya ku-8 zobudala.
Uma uzalisa izinhlobo ezinkulu bheka isisindo samasikazi. (Yazi imigomo yohlobo olukhethile). Izinhlobo ezinkulu zamasikazi zibanenkinga yokumitha uma ziyekiwe isikhathi futhi zinona kakhulu.
Ungalokothi uzalise ngesilwane esinolaka. Lesi similo esibi singaqahubekela phambili ezizukulwaneni futhi onogwaja bayakwazi ukuluma nokuklwebha kabi kakhulu. Amasikazi anolaka awavamile ukuba ngomama abahle.

Translated by Zoza Shongwe