Tinta Barocca

© Glenneis Kriel

Incazelo

I-Tinta Barocca amagilebhisi ewayini abomvu, lamagilebhisi kukhiqizwa ngawo iwayini elibomvu noma i-port. Lamagilebhisi avela ngenxa yokuhlanganiswa amagilebhisi ewayini ekuthiwa i-Marufo ne Touriga Naçional.

Umsuka

I-Tinta Barocca umsuka wayo owase Douro valley enyakatho Portugal, lapho imbewu yathathwa khona ngo nyaka wama 1899.

Amanye Amagama

Kwakunesikhathi lapho lamagilebhisi ayebizwa ngokuthi i-Tinta Barroca Baroccas, Boca de mina, Tinta das Barrocas, Tinta gorda, Tinta grossa noma i-Tinta vigaria.

Ukukhiqizwa eNingizumu Afrika

I-Tinta Barocca yaqala ukungeniswa la ekhaya ngo nyaka wama 1920, yona iqhamuka ezweni lase Portugal. Ukuqala kwayo ukufika kwa lana, abalimi abaningi babeyedidanisa ne Shiraz, lapho ebabona khona iphuta labo, baqala benza ngayo iwayini ekuthiwa i-port. Ngenxa yokuphikisa kwesidingo sa mawayini ayi-port, abenzi bewayini eNingizimu Afrika sebeze bakhetha ukwenza i-single varietal.
INingizimu Afrika inomlanda omude woku khiqiza i-port, kodwa umthetho awukaze uvume ukuthi abakhiqizi balenhlobo basebenzise ilebula elithi Port, kwaze kwaba uJanuwari wonyaka wama 2012. Lapho kwakubemela labo abenza iwayini ba sayine isivumelwano sokuhweba nabezo limo i-European Union.
I-Cape Port Producers Association ithi, le lebula ethi Cape White ibekwa kwamawayini enziwe nge non-muscat, kulamawayini kubalwa i-Chardonnay, i-Chenin noma i-Verdehlo. Amabili lamawayini kumele akhuliswe izinyanga eziyisithupha khona abakhiqizi bezokwazi ukwenza lezitayela zamawayini.
Ilebula le Cape Ruby lona lisetshenziselwa ekuhlanganisweni namawayini asemasha, a-full-bodied, futhi anephunga lezithelo. Lamawayini ahlukile kune Cape Tawny, ngendela yokuthi kumele ikhuliswe izinyanga eziyisithupha kodwa iminyaka ingadluli kwemithandathu. I-Cape dated noma i-Vintage Tawny kumele zikhuliswe iminyaka esithupha ebuncaneni, kodwa futhi kumele zenziwe ngamagilebhisi avunwe ngonyaka okhethekile, ngamanye amagama i-single vintage.
Ilebula le Cape Late Bottled Vintage lona lisetshenziswa kuma wayini avutshiselwe kwi oak barrel noma ebhodleleni eminyakeni engadlulile kwemithathu. Ngaphezu kwalokhu u 85% wale wayini uqhamuka kunyaka owodwa we vintage, futhi isube ivutshisiwe unyaka owodwa. I-Cape Vintage Reserve yona abenzi bewayini bathi yiyo umpetha wama wayini ayi-vintage.

Indawo Ekukhiqizwa Kuzo

Ngenxa yokuthi izinga le imakethi yaphesheya elisebenzisa i-Tinta Barocca limanal inyuka liphinde lehle, sekunamahektare amaningi la eNingizimu Afrika angaphezulu kulawo awekhona ngo nyaka we 1980. Noma ekhona amahektare alenhlobo kwezinye izindawo ezikhiqiza iwayini uningi lwa lenhlobo yamagilebhisi itholakala eSwartland eLittle Karoo nase Stellenbosch.

Ukukhula

Ikhukhula ngokushesha, futhi iyakhona ukukhiqiza amathoni ayi 16 -20 kwihektare eyodwa.

Ukuvuthwa

Amagilebhis avuthwa phakathi no Mashi.

Amajikijolo

Amajikijolo aphakathi nendawo futhi ampisholo ngokombala. Ikhashi lawo liqinile futhi lijacile, kodwa zivame ukubanamanzi.

Amaqabunga

©Glenneis Kriel
Amaqabunga makhulu futhi anamadlebe amathathu futhi aluhlaza ngokombala.

Izinambuzane Nezifo

I-Tinta Barocca ayikwazi ukumelana ne downy kunye ne powdery mildew.

Ukusetshenziswa

Lenhlobo kwenziwa ngayo i-port namawayini abomvu.

Ukunambatheka

Lewayini umbalo wayo ubomvu ngenye inkathi uze ubengathi umpisholo, futhi iphunga layo elamajikijolo.

Translated by Nwabisa Ngumbela