Threadfin Bream

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Threadfin bream

Isidlaliso

Spinecheek, i-butterfly bream, ama-false snappers

Igama lesayensi

Nemipteridae

Usayizi

Ungafinyelela ku-25 cm, ngokujwayelekile kuba wu-18 cm.

Isakhiwo Saso

Sinomzimba omude omise okweqanda, sinamazenga amakhulu nomlomo omncane. Ezinye zezinhlobo zaso zinamathambo ngaphansi kwamehlo kanti ezinye zinomugqa oze ufike emsileni. Umbala wawo uvamise ukuhluka kusuka kogqamile okungaba oyisiliva, omnyama nensundu ngokuhlukana kwayo. Kuyenzeka kube khona nophuzi.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-nemipteridae unezizukulwane ezinhlanu nezinye izinhlobo ezimdibi nazo ezingu-64. Ihlobene kakhulu nohlobo lofishi okuthiwa ama-snappers. Lolu hlobo lukafishi luvamise ukutholakala ezixhotsheni, luthanda ukubhukuda nokuzingela. Kwesinye isikhathi zityatholakala ekungeneni kwemifula. Luzalelela emanzini amaningi njengasolwandle.

Ukudla

Ludla ofishi abancane, imisundu, izimbambela namagobolondo. Kanti abanye ofishi balolu hlobo badla amabibi.

Ukusabalala Kwawo

Lolu hlobo lutholakala kuzona zonke izindawo ezifudumele emhlabeni jikelele.