Thick-Tailed Bushbaby
Isinkwe

© Roger De la Harpe

Ukubukeka

I-thick-tailed Bushbaby yiyona nhlobo enkulu kakhulu yalezizilwane. Ikhanda nomzimba walo ubude ngama 297 mm ukuyosho kuma 373 mm, muhlanganisa nomsila kuba ngama 415 mm ukuyosho kuma 473 mm. Ngokwencansi lesilwane si dimorphic, inkunzi inkudlwana kune mazi. Isikhumba sayo sinoboya obuningi obungathi yi wuli, futhi obu siliva, nansundu na ngwevu. I-Bushbaby iyathanda ukuvula iphinde ivale amehlo ayo, lokhu ikwenza ibukeke ngathi ithukile. Amehlo ayo makhulu futhi ahlezi ajonge phambili. Njengawo wonke ama Galago, ineminwe nezinzwane ezinesikhumba esiqinile, lokhu kusiza ekutheni sibambelele kahle emagatsheni.

Ukudla

I-Thick-tailed Bushbaby iyi gumivorous ne frugivorous, futhi idume nangokudla izinambuzane, ukudla kwayo okuyi 62% kuyi gamu, nezithelo, nezinambuzane. Lesilwane sitholakala eGoli, emningizumu e Afrika, lapho kuthiwa ukudla kwaso kungu 5% wezinambuzane, e Kenya kuthiwa zidla 50 -70% wezinambuzane. Izinambuzane ezinjenge ngezintuthwane, Macrotermes falcigar zikukudla okutholaka ngezikhathi ezithize onyakeni. Ngesikhathi lapho ekukhona izintuthwane ezinamaphiko, lesilwane sitholaka sizicosha ngomlomo emhlabathini singasebenzisi isandla. Okunye ukudla kwalesilwane amahlamvu, izimbali, amaqanda, izinyoni kunye nezibankwa.

Ukuzala

Ukuzala kwe thick-tailed Bushbaby kuya ngokuthi siqhamuka kwiyiphi indawo. EGoli sizala ngo Novemba, e Zambia sizala ngo Agasti nango Septemba, e Zenzibar nase Pemba sizala ngo Agasti. I oestrous yemazi iyizinsuku ezingama 44. Ukukhulelwa kuyizinsuku ezingama 133. I-Bushbaby izala amawele kodwa ngezinye izikhathi iyakhona ukubeletha izingane ezinthathu. Ubisi lwe Bushbaby lunqindilili futhi lunesidlo, maluqhathaniswa nolwama anthropoid. Lokhu kuwenziwa yindlela ephila ngayo. Ama anthropoid ayawateta amachwane awo ma esancela, ama Galago akakwenzi lokho.
Lesilwane sizala kanye ngonyaka mangabe kunezithelo eziningi. Kodwa kwindawo lapho ezigcinwa khona kuthiwa zizala njalo. Izidleke zakhiwa ngezintambo zezithelo. Ichwane elisancelayo liyayekiswa masekuqala inkathi eyomile, futhi emuva kwama sonto amane noma amahlanu siyaqala ukuziphilela. Lesilwane silungela ucansi mesesine zinyanga ezingama 20.

Ukuziphatha

Kunazo zonke izinhlobo zama bushbaby, le inhlobo yiyo ejwayelekile, futhi sona sihamba ngazo zone izinyawo zayo. Masigxuma lesilwane siqale sime ngemilenze yangase muva. Sibamatasa amahora asishagalombili. Ebusika simatasa amahora alishuminambili. Lesilwane esisebenza ebusuku kuphela, asenzi ucansi nenkunzi eyodwa. Imazi yiyo ephethe kwimindeni yazo.
Izinkunzi bezibonakala ngathi yizo ezilandela izimazi. Lezilwane mazidlala kubonakala ngathi zinehaba, ziyajahana, zidonsane ngemisila, bese zilumana ngendlela engenabungozi. Amachwane alezilwane abonakalisa lendlela yokuphila ngosuku lokuqala ezelwe, bese ke ziyaqhubeka ngokuya zikhula.
Amadleke ubukhulu bawo ngu 5 - 12 wama mitha. Lezilwane zithanda ukulala endaweni eyodwa. Ama thick-tailed Bushbabies ahlala engamaqembu amancane amanani akhona angu 2 - 6. Kula maqembu kuna ma Bushbaby amabili akuyiwona amadala, kube namanye amabili futhi esifazane anezingane, bese ke kube khona ne yodwa eyezifazane nayo enezingane. I-Bushbaby yenkunzi ine nsimu yayo ehlanganisa Izidleke zama Bushbaby esifazane angaphezulu kwesikhombisa.
Ama thick-tailed Bushbabies mangabe ebeka impawu kwinsimi zayo, achamela ezandleni bese agcobisa izinyawo zawo, enzele lapho anyathela khona kusale iphunga lazo, futhi enzela ukuthi kwaziwe ukuthi yinsimu yazo leyo. Abalisa yibo abageza kakhulu ngomchamo kuna ma Bushbaby esifazane. Lesilwane siye sigeze ngomchamo waso mangabe sizoya kwindawo entsha.

Zitholakala kuphi

Ama thick tailed Bushbabies atholakala e Somalia, Kenya, Tanzania na kwiziqhingi ase Zenzibar. Lezilwane zihlala phezulu ezintabeni nasemahlathini aseduze nolwandle. I-Galago noma i-Bushbaby iyatholaka e East Africa ukusukela e southern Sudan ukuyosho e eastern South Africa nase Angola. Ngaphambi konyaka ka 1974, kwakunezi nhlobo ezisithupha kuphela ezazaziwa, kodwa ngo nyaka ka 1995 ucwaningo lwabonisa ukuthi kunezinhlobo ezili 17 zama Bushbabies ezaziwayo e Afrika, ososayensi bacabanga ukuthi kusengatholakala ezinye izinhlobo zalezilwane njengoba besaqhubeka no cwaningo lwabo.