Stinking Grass
Utshani Obunukayo

© D. Wesuls

Igama

Stinking Grass (Utshani Obunukayo)

Igama lesiLathini

Bothriochloa radicans

Umsebenzi Wabo

Lobu wutshani obungavamile ukudliwa ngenxa yephunga lapho elibi. Kodwa-ke kwesinye isikhathi izilwane ziyaphephela kubo uma bungekho obunye utshani ezingabudla. Bunamafutha aqukethe izakhamzimba eziwu-51.

Incazelo

Lobu tshani bukhula busabalale futhi buhlala isikhathi eside bungashi, buba nentshakaza egobayo. Amaqabunga nezimbali zabo kunephumba uma zigxotshwa. Amaqabunga aba luhlaza okuxubene nokuluhlaza okwesibhakabhaka. Izilwane ezibudlayo zikwazi ukubudla kuphela uma busanda kuhluma.

Bukhula Kuphi

Lobu tshani buvame ukukhula ezindaweni ezomile ezinamatshe akhiwa wukoma kwentabamlilo nasezindaweni ezinobumba. Buyakhula kodwa nakwezinye izindawo njengasemhlabathini oseduze kweziphethu, ezindaweni ezinamatshe neziduli zamatsheketshe. Butholakala ukusuka eNingizimu ye-Afrika, unyuke njalo uze uyofika e-Uganda, eSudan naseTopiya.

Izimbali

ENingizimu Afrika izimbali zabo ziqhakaza kusukela kuMfumfu kuya kuMbasa.

Eminye Imininingwane

Utshani i-Stinking Grass buqanjwe kususelwa ephungeni labo elibi elenza kungabi lula ezilwaneni ukubudla.