Speke's Hinged Tortoise

© Tyrone Ping

Igama

I-Speke's Hinge-Back Tortoise [Kinixys spekii]

Uhlobo

Reptilia

Umkhakha

Testudines

Umndeni

Testudinidae

Ubude

140 - 160 mm

Incazelo

Lolu wufudu olulingene ngobukhulu. Emhlane luthwele igobolondo elibushelelezi futhi eligobile. Igobolondo lofudu oluseluncane lunendawana ezimnyama nezikhanyayo. Kuyenzeka kokunye amabala amnyama abe khona ofudwini oludala lwesilisa kodwa hhayi kolwesifazane.

Indawo olutholakala kuyo

Lolu hobo lofudu luvame ukutholakala ezindaweni ezinotshani maphakathi nasempumalanga ye-Afrika. Luyatholakala nasezifundazweni zeNingizimu Afrika ezisenyakatho, eZimbabwe, eMozambique naseSwaziland.

Ukuzalana

Lezi zimfudu zibekela amaqanda ngokuhlanganyela. Esidlekeni esisodwa aba mabili kuya kwayisithupha.

Ukudla

Lolu fudu ludla izithelo, amakhowe, imineke emikhulu, amabhungane namashongololo.