Soutbossie

Igama

Soutbossie

Igama lesiLathini

Bassia diffusa - Chenolea diffusa

Itholakalaphi

Lolu hlobo lwesitshalo luvame ukutholakala ezizalweni zemifula nasemhlabathini eduze kolwandle, lapho kuphela khona amagagasi.

Incazelo

Lesi sitshalo sinesiqu esimfishane esikhula ngaphansi komhlabathi kanti amagatsha aso akhula aqonde abheke phezulu. Amaqabunga aso aluhlaza sabumpunga, athambile futhi anoketshezi phakathi. Ubude lesi sitshalo siba ngamasentimitha alishumi.

Olunye Ulwazi

Igama elithi Soutbossie liyisiBhunui kanti lichaza ihlathi elincane elinosawoti. Lokhu kuyahambisa nendawo ezikhula kuyo ezizalweni zemifula nasezihlabathini zolwandle.