Skates

© Jean Tresfon

Igama elijwayelekile

ama-Skates

Igama lesayensi

Rajidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-2m

Isakhiwo Sawo

Anomzimba oyisicaba namphiko amise okukanxantathu. Ihluke kakhulu ngezinsephe zayo ezingasesifubeni emuva kwamaphiko. Umbala wawo uhlukile ngaphezulu. Ingxenye engasesiswini ivamise ukuba nombala ogqamile.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-rajidae unezizukulwane eziwu-18 nezinye izinhlobo eziwu-200. Amehlo awo aphezu kwekhanda. Amakhala awo asemuva kwamehlo. Anesikhumba esimaholoholo esihlabayo. Ezinye izinhlobo zawo zinento esameva ehlabayo emgqeni ophakathi. Adla ngesingezansi. Azalela amaqanda. Amagobolondo amaqanda awo aqinile anemigqa emine emide.

Ukudla

Adla izikhuphashe nofishi abancane. Acutha esihlabathini uma ebona inyamazane.

Ukusabalala Kwawo

Atholakala kuzona zonke izindawo ezifudumele emhlabeni jikelele.

Uhlobo Oluvamile

Winter skate (Raja ocellata)
Biscuit ray (Raja miraletus)
Thornback ray (Amblyraja radiata)