Seeplakkie

© Roger de la Harpe
Seeplakkie.

Igama

Seeplakkie

Igama lesiLathini

Scaevola plumieri

Itholakalaphi

I-Seeplakkie ikhula ezihlabathini zolwande lapho isiza khona ukubamba isihlabathi singaguguleki.

Incazelo

Lesi yisihlahla esincane esinamaqabunga anamfukayo amise okomboxo. Siqhakaza izimbali ezincane ezimhlophe ezimise okukaphephela. Sinezithelo ezincanyana ezingama-berry eziba phephuli uma sezivuthiwe.

Ubukhulu

Lesi sihlahlana ubude naso buba yimitha elilodwa, kuthi ama abe ngamamilimitha angama-40.

Ezinye ezifana naso

I-Salsola nollothensis (Port Nolloth ngasentshonalanga) ibaluleke kakhulu ekwakheni izindunduma zesihlabathi ogwini olomile lwaseNamibia. Njengoba sisendaweni eshodelwa amanzi, eshisayo, enosawoti nenhlabathi egugulekayo, lesi sitshalo zinesiqu esiqinile, amagatsha axhante kaningi namaqabunga ayisixhanti acwebezelayo.

Olunye ulwazi

I-Seeplakkie iyakwazi ukunziphisa ukunyakaza kwesihlabathi ngenxa yokujula kwezimpande zayo ngokwakha izindunduma sezihlabathi. Ungwengwezi lwayo oluqinile emacembeni anamfukayo phakathi luyazisa ugcina amanzi isikhathi eside.