Seahorse

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Seahorse

Igama Lesayensi

Hippocampinae

Usayizi

Ungafinyelela ku-18 cm, ngokujwayelekile kuba wu-8 cm

Isakhiwo Sayo

Inomzimba omncanyana. Inesifuba esicijile. Inekhala elide nomsila omude ewusebenzisa ukubamba nokubambelela. Izigwedlo ezisemgogodleni zikwazi ukulala emhlane ukuze ikwazi ukuhamba kahle emanzini. Inemibala ehlukene okungaba omnyama, ophuzi, kokunye kube namabala aphinki noma aluhlaza satshani. I-seahorse emfishane ingaba wu-5 cm ubude.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-hippocampinae ubandakanya nohlobo olwaziwa nge-pipefish. Luvamise ukutholakala eduze kotshani obungasolwandle noma onqenqemeni olusezixhotsheni zamatshe. Kulula kakhulu kulona ukuzifihla lapho lucathamela inyamazane. Lukwazi ukushintsha umbala ezimweni ezibucayi. Uma lubhukuda luhlaba phansi ikhala. Eyesilisa iyona egodla amaqanda endaweni esesiswini athwalwe ngezinye izinhlobo ngomsila.

Ukudla

Idla amabibi asolwandle nezikhuphashe.

Ukusabalala Kwayo

Itholakala ezindaweni ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo Olujwayelekile

I-Spotted seahorse
I-Hippocampus kuda
I-Thorny seahorse
I-Hippocampus histrix
I-Tigertail seahorse
I-Hippocampus comes