Sangiovese

© Vititec

Incazelo

I-Sangoivese ibuya eTsucany e Italy, lapho iwayini edume kakhulu ekuthiwa yiChianti ikhiqizwa khona. Lewayini uyibona ngamabhodlela ayo angunxazonke ambozwe izinti. Le yinhlobo yamagilebhisi endala, umlando wayo usuka kwiminyaka engama 1590, manje isitshalwa kwizindawo ezifana no Melika, Argentina, Australia, futhi kunensimi yayo embalwa la eNingizumu Afrika. I-Sangoivese iyingxenye yomndeni omkhulu wamagilebhisi, njengoba ibonakala kwi intra-varietal phenotypical.

Umsuka

Italy

Amanye Amagama

I-Sangiovese inama-clone angaphezu kweshumi, namagama ahlukile achaza lama-clone angama 86, lamagama achaza i-clone ngayinye – dolce noma grosso, lamagama abuye aziwe ngokuthi Brunello, Lambruzco noma Chiantino, kodwa eNingizumu Afrika kusetshenziswa leli elithi Sangiovese.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

Kuqala, kwakucatshangwa ukuthi i-Sangoivese yangeniswa eNingizimu Afrika ngonyaka wama 1970, kodwa amalekhodi abonisa ukuthi yangena ngonyaka wama 2016. Owona mvini owokuqala watshalwa kwifamu ekuthiwa yi Boplaas ngonyaka wama 1982. Kunama hektare angama 69 eSangoivese atshaliwe la eNingizumu Afrika. Ama-clone okukhiqiza iwayini esomgangathweni ophezulu aqala ukungeniswa ngonyaka wama 1991.

Indawo Ekukhiqizwa Kuzo

Uningi lwe Sangiovese lutshalwe eStellenbosch, lapho okunama hektare angama 26 khona, ayi 19 atshaliwe.

Ukukhula

Noma I-Sangiovese ikwazi ukuphila kwizinhlobo ezahlukene zesihlabathi, ithanda isihlabathi esilula futhi esikwizindawo ezifudumele. Lenhlobo ayikwazi ukumelana ne-terroir. Futhi ayivuthwa kakhle mangabe isesihlabathini esingaphezulu kwe 1500ft (namayiyekiwe yaba nezigaxa eziningi kumvini owodwa) iye ibeno asidi ophezulu, nama tannin angavuthiwe.
Amaqabunga okuqala avela ebusika, alinyazwa amakhaza. Ehlotsheni mangabe i-Sangoivese ihlakuliwe, nezigaxa zasuswa amaqabunga umgangatho wayo uyenyuka futhi lokhu kwehlisa amathuba okuthi ithole botrytis.

Ukuvuthwa

I-Sangiovese akuyona inhlobo yamagilebhisi esheshayo ukuvuthwa, futhi iye ivunwe masekuphela inkathi yokuvunwa.

Amaqabunga

Amaqabunga aphakathi nendawo, futhi avame ukubanamadlebe amahlanu.

Amajikijolo

Inamajikijolo angamakhulu kakhulu, a-oval anokuqhakaza okuphezulu namakhasi azacile. Ukuqhakaza noma i-bloom, yile wax emboza amajikijolo ukuze angalahlekelwa amanzi noma angangenwe ama-spores.

Izinambuzane Nezifo

I-Sangiovese iyakwazi ukumelana ne downy mildew, kodwa iyavama ukubane powdery mildew ne botrytis.

Use

La eNingizimu Afrika i-Sangoivese kwenziwa ngayo iwayini elibomvu. Lesithelo sino asidi ophezulu futhi umbala waso uyakhanya, lokhu kwenza ukuthi kubelula ukusihlanganisa nezinye, kodwa manje sekunesitayela esingenile esokwenza i-single varietal ngayo. Amawayini alungele ukuhlanganiswa ne Sangiovese yilawo afana ne Cabernet Sauvignon noma i-Merlot.

Ukunambitheka

Amawayini eSangiovese asezingeni eliphezulu yilawo ano asidi, ne tannic ekakhle, futhi anambitheka ngathi anama plamu nama cherries. Amanye amaphunga ongawathola kule wayini yilawo ogwayi, isinamoni, ama-truffle nama-mulburries.

Translated by Nwabisa Ngumbela