Roussanne

© Glenneis Kriel

Incazelo

I-Roussane yinhlobo yamagilebhisi ekwenziwa ngayo iwayini elimhlophe. Iqhamuka eRhône eFrance, indawo ekwenziwa kuyona iwayini. Leligama lisuka kwigama lesi French elithi ‘roux’ (bomvu), elichaza umbala wamajikijolo mangabe sele evuthiwe. Lamagilebhisi yiwo enza u asidi, nephunga elimnandi mangabe esehlanganiswe namanye anjenge Marsanne.

Umsuka

France

Amanye Amagama

I-Roussanne inamagama ahlukile angama 26, amanye walamagama yi Barbin, Bergeron Fromental ne Rebellot. E California, yayididaniswa ne Viognier, kodwa akunabuhlobo neze phakathi kwalezinhlobo zamagilebhisi. I-Roussanne du Var inamakhasi a-pink bese kubane Roussette, noma lama gama acishe afane kodwa akuwona amagama asetshenziswayo ukuchaza i-Roussanne. La eNingizimu Afrika lamagilebhisi abhaliswe ngokuthi ayi ‘Roussanne’.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

Ama-clones we Roussanne alethwa eRustenberg eStellenbosch ngonyaka wama 2000 ngu Simon Barlow, okuwuyena owenza i-single varietal wine yokuqala. Kunama hektare angama 75 etshalwe kwizinsimi zamagilebhisi okwenza iwayini eNingizimu Afrika, ngaphandle kwase Northern Cape, Robertson nase Worcester. I-Roussane itshalwe ePaarl lapho kunama hektare angama 27, ayi 16 ase Malmesbury ayi 11 ase Stellenbosch.

Ukukhula

I-Roussanne idinga indawo eyomile futhi enelanga ukuze ivuthwe kahle. Lamagilebhisi akavamile ukukhiqiza amathoni amaningi, ungathola nje amathoni ayi 6-8 kwi hektare eyodwa mangabe isikhathi sivuma. Amaqabunga eRoussanne avame ukususwa ngezandla ukuze izigaxa zithole ilanga khona zizovuthwa kakhle. Lenhlobo ivame ukubane zinga eliphezulu lotshwala, le wayini kepha kumele igadwe ukuze izinga lotshwala lingeqi.

Ukuvuthwa

I-Roussane isube sele ivuthiwe mangabe sekuqala isikhathi so kuvunwa, ivuthwa emuveni kwe Sauvignon Blanc.

Amajikijolo

Inamajikijolo amancane anombala o-amber mangabe isivuthiwe.

Amaqabunga

Amaqabunga akamakhulu kakhulu, bese ibanamadlebe amahlanu anameva angunxazonke.

Izinambuzane Nezifo

I-Roussanne ivame ukubane mildew, futhi iyalinyazwa nangumoya, lokhu kuye kwenze isivuno sibesincane.

Ukusetshenziswa

I-Roussanne eNingizimu Afrika idayiswa iyi single varietal, kodwa lamawayini anje ngalawa ayabiza. Ivame ukuhlanganiswa ne Marsanne ne Viognier ukuze zenze iwayini elimhlophe elinephunga elimnandi. Ngenxa yokuthi inamaminerali no asidi omningi iyakwazi ukuhlala isikhathi eside iyayihlala neminyaka eyishumi. Lewayini isizwa nawukuthi ibuye ivutshiselwe kwimigqomo yezinkuni (wooded).

Ukunambitheka

Amawayini enziwe ngamagilebhisi eRoussanne adume ngokubane phunga eleqile. Uma esheshe avunwa amagilebhisi eRoussane ushukela wawo ubaphansi (iwayini eyenziwe ngamagilebhisi amasha iyaphuzeka noma ushukela uphansi).
Mangabe eyekiwe avuthwa kahle, abano asidi osezingeni elihle. I-Roussanne akuwona umhlobo wewayini onephunga lezithelo. Abantu bayithanda ngenxa yokuthi iyabanda futhi ngathi inamafutha mawuyinambitha. Mawuyinuka ngesinye isikhathi kuzwakala iphunga likaphayinaphu, nezimbali ezinje ngama lily noma izimbali zasendle.

Translated by Nwabisa Ngumbela