Rock Aloe
Inhlaba yaseMatsheni

Igama

Inhlaba yaseMatsheni [Rock Aloe]

Igama lesiLathini

Aloe Petricola

Incazelo

Lolu wuhlobo lwenhlaba oluncane olungenasiqu olunamacembe awugqinsi anobala oluhlaza oxube noluhlaza okwesibhakabhaka. Inamacembe acijile ekugcineni futhi anoketshezi oluthanda ukuba phuzi phakathi. Lolu ketshezi lusetshenziswa ukwelapha izifo zesisu. Amacembe enhlaba asebenza ukuthina amanzi isikhathi eside, okwenza lesi sitshalo sikwazi ukumelana nesomiso. Maphakathi nobusika lesi sitshalo siqhakaza izimbali ezinokubombvu nokusakhilimu.
Lezi zimbali, ezime zayimigxusha, ziqhakaza emzimbeni oqumbile walesi sitshalo. Inhlaba ibalulekile njengoba iwukudla kwezinyonyana ezithanda ushukela wezimbali. Ngokudla kulezi zimbali lezi zinyoni ziyayipholinetha le nhlaba.

Itholakalaphi

I-Rock Aloe ingeyokudabuka eNingizimu Afrika. Yande kakhulu esifundazweni iMpumalanga nasezindaweni ezinamatshe.

Olunye ulwazi

Inhlaba itholakala ezintabeni nasezindaweni ezinamadwala lapho ibambelela ngezimpande emhlabathini phakathi kwamadwala. Izimpande zinakho ukukhula zisabalale, emhlabathini ongajulile ophezu kwamadwala, kunokuthi zijule eziseleni phakathi kwamatshe. Njengezinye izinhlobo zenhlaba, i-Rock Aloe iyikhambi lokwelapha izifo ezehlukahlukene.