Pufferfish

© Jean Tresfon

Igama

Pufferfish

Isiteketiso

Puffers, Blowfish, Bubblefish, Swellfish, Honeytoads.

Igama lesayensi

Tetraodontidae

Ubude

Ejwayekile ingamasentimitha angama-40, kodwa ingakhula ize yimitha elilodwa.

Ibonakala ngani

Lena yinhlanzi enomzimba nekhanda okufuthekile, futhi okululekile, nomlomo oqala ngasekupheleni kwekhanda. Inamazinyo amakhulu futhi ahlangene ngaphansi nangaphezulu emlonyeni. Indawo engasemsileni izacile futhi ibacaka akhulu uma uya ngakuma-fin okugwedla angemufa.
Inesikhumba esiqinile esingenazo izegece. Imibala yale nhlanzi iyashiyana kodwa ejwayelekile inombala onsundu, noma onjengesihlabathi solwandle, ohambisana namabala amnyama amancane noma amakhulu.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Tetraodontidae unemikhakha eyi-19 nezinhlobo eziyi-120. Kwesinye isikhathi abantu i-Pufferfish bayididanisa ne-Porcupinefish. Le nhlanzi ivame ukutholakala ezindaweni eziseduze kwezindawo ezinamatshe nasezizalweni zemifula.
Inyama yale nhlanzi inobuthi obuyingozi kakhulu. Uma itshuza ihamba kancane futhi isebenzisa isifuba ukugwedla iye phambili. Uma ihlaselwa, le nhlanzi iye izivikele ngokuzifutha umzimba ngamanzi noma ngomoya. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza emanzini.

Ukudla

Le nhlanzi idla izipontshi zasolwandle, izitshalo zasemanzini, iminyundu nezinye izilwanyana ezingenamathambo ezihlala emanzini.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga okushisa aphezulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Blackspotted pufferfish (Arothron nigropunctatus)
Map pufferfish (Arothron mappa)
Model toby (Canthigaster valentini)