Pineapple Flower

© Roger de la Harpe
Pineapple flower.

Igama

Pineapple Flower

Igama lesiLatini

Eucomis sp.

Incazelo

Lesi sithalo, esiba nembali emise ukukaphayinaphu, yisitshalo esikwazi ukuphila isikhathi eside. Sinesiqu esingumfuqulu (amasentimitha alishumi ubukhulu) esingaphansi komhlabathi nezimpande eziningi ezimhloshana. Amaqabunga abalelwa eshumini-nambili akhula endlaleke emhlabathini. La maqabunga ashelelayo nathanda ukushwabana anomthambo omhluli phakathi nendawo. Lesi sitshalo siqhakaza isixhanti esisodwa ezinezimbali ezihlangene eziphila izikhathi eside emanzini. Izimbali ziqhakaza ngoZibandlela.

Indawo ekhula kuyo

I-Pineapple Flower ikhula eSneeuberg, Hogsback nakwaZulu-Natal lapho ikhula kusukela ogwini kuya oKhahlamba. Iyakhula naseBatusokand, Orange Free State, Gauteng nasezifundaweni eziseduze kwayo.

Olunye Ulwazi

Kunezinhlobo eliyishumu zalesi sithalo eningizimu ye-Afrika, okubalwa kuzop i-Eucomis undulata ne-Eucomis autumnalis.
Isiqu salesi sitshalo ezingaphansi komhlabathi sinobuthi kodwa sisetshenziselwa ukwelapha eNingizimu Afrika. Sisetshenziswa ukuchatha nokwelapha iqolo elibuhlungu nethambo eliphukile. Ezinye izifo ezelashwa ngalesi sitshalo kubalwa izinkinga zomchamo, isisu esilumayo, umkhuhlane, ukuqunjelwa, ibhabhalazi ne-syphilis.