Onongwaja - Isikalo Esiphakathi - Ngenhloso Yonkwenza Okubili Ngemfuyo

© Judy Stuart

Uma ufuya unogwaja kuhlezi kukuhle ukuthi ubheke zonke izinhlaka ongamaketha kuzo. Yizeke kulabo abasuke bemaketha ekuthengiselaneni kwezinga eliphezulu kujwayelekile ukuthi bafuye isibalo esiphezulu sezinhlobo ezinjenge New Zealand Whites kanye nama Californians, Kuhlezi kuletha inzuzo ukubheka labonogwaja osikalo sabo siphakathi nendawo nabasuke bezosetshenziselwa izinhloso ezimbili uma ufuyela ukuthengisa kwizinga eliphansi.
Ukulima ngendlela enakekela ukungayoni imvelo kudinga ukuba kuthengwe ukudla kwezilwane ngesikalo esincane kakhulu ngoba onogwaja banikezwa kakhulu utshani obomile kanye nokuluhlaza okuvela ezitshalweni nasezingadini zemifino enhlobonhlobo. Bakhula kancane kunezinye izilwane ezikhuliswa ngokudla okwengezwe amakhemikhali.
Lokhu kukhula kancane kubanikeza isikhathi esanele ukukhulu babe badala ngokuphelele nesikhumba sabo soboya, Ngakhoke babiza elikhulu inani uma sebethengiswa noma besetshenziswa ukukhiqiza omunye futhi umkhiqizo osezingeni eliphezulu.

Imfuyo Efanele Ukusetshenziswa Izinhloso Ezimbili

Silver Fox

©Judy Stuart
Ama-Silver foxes ayimfuyo ezinzile eNingizimu Afrika kanti anoboya obuhle obumnyama obugqize emaceleni ngobusanwele olusasiliva elumhlophe. Bazalela kakhle futhi babangomama abanakekelayo. Ukuba kwabo noboya obumnyama akumele babe selangeni ngoba lokho kushinstha isikhumba sabo sibe engathi umbala onsundu osurastile.

Beige

©Judy Stuart
Ama-Beige ayimfuyo elula ukuyiphatha anesikhumba esiqinile kanti anombala o-beige oxutshwe noluhlaza okwesibhakabhaka emqolo.

Rex

©Judy Stuart
Ama-Rexes eza enemibala eyahlukeni futhi anoboya obuhle kakhulu kuyona yonke inhlobo yabo. Badinga ukubekwa ezindlini ezikhethekile ngexa yoboya babo obusulekile, bavamise ukuba babe nezinyawo ezibuhlungu ngakho badinga imibhede yezilwane nama kheji ahlanzekile ngaso sonke isikhathi.
Okwenza ama Rexes ahluke kwabanye onogwaja uboya babo. Bonke onogwaja banezinhlobo ezimbili zezinwele ezenza uboya. Kuzona zonke izinhlobo zemfuyo isembozo sokuqala siyizinwele eziqondile ezingaphezulu, esilandela leso singaphansi kwesangaphezulu sona sifushane futhi sisasilika.
Kunogwaja oyi-Rex isembozo esingaphansi side kunalezo ezingaphezulu noboya baso buyacwebezela uma ubuthinta ungathi indwangu yevelivethi yenani eliphezulu.
Kuhleke ukuthola ulwazi ngokufuya onogwaja ngaphambi kokuqala ngalaba abahle kangaka kodwa futhi okumzinyana ukubanakekela.

Satin

©Judy Stuart
Ama-Satin onogwaja nabo beza ngemibala eyahlukele noboya obucwebezela ngokweqile. Lokhu kwenziwa umumo wonwele ngalunye owahlukile kwenye imfuyo. Izinwele zabo zimise okukanxantathu futhi ziphayiza ngokwehlukile. Kulula ukubagcina futhi baba ngonina abanakekelayo.

Angora

©Judy Stuart
Ama-Angora onogwaja Abafuyelwa ukudliwa njengenyama kodwa bafuyelwa ukukhiqiza uvolo. Abahlatshwa uma kuzotholaka uvolo kubo kudwa bayagundwa njengezimvu izikhawu ezine ngonyaka. Uvolo uyakwazi ukuthi uphinde udonsulwe noma unosulwe ngesineke kuwo unogwaja uma usugcwele ngokuphele.
Ama-Angora aza ngemibala enhlobonhlobo kodwa awumsebenzi omningi ukuwafuya, adinga ukuphululwa ubalungise njalonjalo ukuze uzovimbela uvolo ukuthi buqine futhi kumele bagcinwe kuma kheji akhiwe ngowaya ngaphezulu komhlabathi.
Kulula ukubafuya futhi uma usumdala noma ungasakhiqizi kahle uyakwazi ukuthi uhlatshwe bese kutholakala isikhumba esihle kakhulu kubo.
Uvolo weAngora ukulungele ukuthungwa ngezandla wenziwe amayadi amahle angasetshenziswa ukunitha, ukukhrosha noma ukwaluka.
Kungaba isu elihle ukuzitholela isondo eliphendukayo nokuthola ukuqeqeshwa ukulisebenzisa ngoba uma usufundile ukuzisebenzisela lona uzalukele ngalo lokho kungaletha inzuzo enhle kowalukayo noma kumlimi.

Translated by Nokubonga Guliwe