Onogwaja Ukwakhiwa Kwamahhoko

© Karoline Steenekamp

Izidingo Ezinqala Zokwakha Ihhoko Likanogwaja Elihle

Ngaphambi kokuthenga onogwaja kubalulekile ukwenza isinqumo ngamahhoko abo-uhlobo lwehhoko, ubungako nesikhundla. Umuntu angawathenga amahhoko kodwa leyo indlela ebizayo yokwenza; kuyonga kakhulu ukuthi wakhe awakho. Izidingo ezinqala zokwakha ihhoko elihle likanogwaja yilezi:

Ihhoko eliphephile elivikela esimweni sezulu. Lokhu kumbandakanya nomthunzi welanga nokukhosela okuphelele emvuleni nasemoyeni.

Ihhoko kumele libeno 0.6 m² wesikhala somgandelo nokuphakama okuwu-0.5 m. Unogwaja udinga ukuthi ukwazi ukugxuma asuke ekugcineni aye ekuqaleni ngokukhululeka futhi alale aphansi angathinti ezinhlangothini. Okubalulekile kakhulu, kumele akwazi ukuqoshama futhi aqalaze bese ekwazi nokuhambisa ukudla ethunjini ukuze agweme izinkinga zokugayedka kokudla. (Bheka Isahluko Sezempilo).

Ihhoko elihle kumele liphephe kuzo zonke izilwane ezingomadlezinye. Onogwaja bangukudla ezidalweni ezinjengezinja, izinyoka, izimbodla, amagundwane nezinyoni ezizingelayo njengezikhova.

Onogwaja kumele bavikelwe njalo elangeni. Amazinga okushisa angaphezulu kuka-25ºC anyinkinga futhi kumele kucophelelwe ukuthi amahhoko asethunzini noma esakhiweni esishaywa ngumoya ngokwanele. Ekushiseni okuphezulu, kubaluledkile ukufafaza uphahla ngamanzi ukunciphisa izinga lokushisa. Ukubanda akuyona inkinga konogwaja abadala kodwa izixhumo kumele sivikelwe ekubandeni.

Uma begcinwe ehhokweni locingo kubalulekile ukunika unogwaja isicephu sokulala azohlala phezu kwaso. Lokhu kuvikela izinzwane zezinyawo ukuthi zingagaxeli ocingweni ngaso sonke isikhathi, kodwa okubalulekile ukuthi kunika unogwaja indawo yokulala ngaphandle kokucindezeleka esiswini. Isecephu sokulala singenziwa ngepulangwe, ikhalibhodi noma isicucu sikakhaphethi. Kubalulekile ukugcina izicephu zokulala zihlanzekile.