Okukhathaza Amagilebhisi - amaMargarodes

© Dr Andre de Klerk Wineland
Margarode infestation can be recognised by curling leaves.
Lezi izinambuzane ezihlasela izimpande zemivini, ngokuvamile zingamasentimitha angamashumi amane kuya kumashumi ayisithupha ukujula. Lezi zinambuzane, ezaziwa nangokuthi 'amapharele emhlabathini', zingabonakala ikakhulu emhlabathini kusukela ngoDisemba kuya kuMeyi futhi zisatshalaliswa ngezixhobo zokulima inhlabathi namanzi. Isibonakaliso sokuqala sokutheleleka kwe-margarode ukukhula okubi, ngokuvamile okutholakala njengamabala esivini.
©Dr Andre de Klerk Wineland
Size difference of encysted larvae of two margarode species

Amahlumela omvini abe mfushane futhi alula kakhulu namaqabunga amancane ahamba phansi. Kodwa-ke, akunaphawu olujwayelekile lokungcola kwama-margarode. Kunezinhlobo eziyishumi ezihlukahlukene ezitholakala eNingizimu Afrika, kodwa kuphela ezinhlanu zazo ezingaba nomthelela wezomnotho ngesithelo sevini. Inani elikhulu lezitshalo, ikakhulukazi utshani, lilimazekile. Ngokuthuthukiswa kwezivini ezintsha kubalulekile ukwazi ukuthi yiziphi izitshalo ezimema ama-margarodes.
Ngakho-ke, ukungcola okungokwemvelo kungavinjelwa. Umuthi wamakameli nameva (Acacia erioloba), otholakala kabanzi eMfuleni i-Orange naseMpumalanga, usanda kubonakala njengesitshalo semvelo esisodwa sezinhlobo ze-margarode. Izitshalo zemvelo zomunye uhlobo zaseNingizimu Afrika azikaziwa. Akukho ukulawulwa kwamakhemikhali okubhalisiwe okwamanje kwama-margarodes atholakalayo, kodwa kunconywa ukuthi amathayi wetirekta namanye amathuluzi ahlanzwe lapho esuka esakhiweni sevini esingcolile angena emabhuloki angenakungcola.

Translated by Nsika Khoza