Ogogo be: Grandmothers Against Poverty and Aids

UAlicia Mdaka no Beauty Skefile basixoxela ngokuthi i-GAPA ibasize kanjani ukuthi ikwazi ukubhekana nezinkinga zabo.

Ogogo be GAPA

©Eric Miller

Ngangiya kwi GAPA ngifike ngihlale phambi kwamabonakude ngoba izinhlungu zazingikhubaza. Ogogo begapha bangisiza. UGoldie Qayiya uye oweza kimi wangitshela ngezingane zakhe ezintathu ezashona. Wathi kimi, “Alicia umagcina wami washa umbane ngithume esitole, uVusi wabulawa yingculazi, ngangiseduze kwakhe mayeshona, kwangiphula umphefumlo lokho, kwase kwa landela uThumela, naye ebulawa yingculazi.

Ngabangcwaba bonke. Wathi makengitshela lokhu ngavesane ngakhala, ngangingedwa. “UGoldie ukwamukele okwamehlelayo, futhi unamandla,” ngacabanga. Lokhu kwangibonisa ukuthi uNkulunkulu usenami, kancane kancane ngaqala ngaba uAlicia futhi.

Makukhona okungangiphethe kahle ekhaya ngiya kwi GAPA, ngibatshele, bangiduduze, futhi bangilekele. Angeke nje ngiyishiyi iGAPA, ngiyayithanda. Umgani wami omkhulu kwi GAPA u Constance Sohena. Manginenkinga ngiya kwakhe. Ngaphombi kokuthi sikhulume ngezinkinga zethu, ziguqa ngamadolo sithandaze. Nguye engimethemba kakhulu.

Beauty Skefile – isikhathi se GAPA

©Eric Miller

Ngiyathanda ukuya kwi GAPA. Ingisize kakhulu empilweni yami. Sikhuluma ngezinkina zethu laphana, esikhashaneni sesikukhohlwe konke lokho, sesiyazi hlekela. Ngangi vame ukuya njalo, ingane mazisesikoleni, kodwa manje isifo samathambo asisavumi, noma sengiyile izandla zami azivumi ukubamba izinto.

Mangise GAPA ngenza oblankethe no doli. Mangilapha ngenza into okenge uze uyazi ukuthi yini. Ngesinye isikhathi ngi thunga ngomashini, nomangezandla. Lemiqamelo oyibanayo embhedeni ngazithungela. Ezinye izinto ngangingazazi ngisakhula, ngizifunda manje sengimudalal.

Translated by Nwabisa Ngumbela