Ogogo be: Grandmothers Against Poverty and Aids (GAPA), basixoxela ngezinto abazikhumbulayo ngobuntwana babo

Beauty Skefile

Into eyodwa engiyikhumbulayo ngokubuntwana bami imidlalo esasiyidlala, enjenge nqathu, nama-hula hoops, ezistradeni zasse Retreat eKapa. Sasidlale siyizingane zohlanga olahlukene, amakhaladi, abelungu, na bantu abamnyama, sasidlala sonke kungenalutho.

Ngangifunda esikoleni samabhunu, futhi ngikhuluma isibhunu, ngoba sasihlala emphakathini owodwa. Ekuhambeni kwesikhathi, lokho kwashintsha. Ngalezonkathi kwakumele ubeke ingalo enkhanda, mengabe isandla sakho sikwazi ukumboza idlebe, lokho kwakusho ukuthi usulungele ukungena isikole.

Ngakho ke angazi ukuthi nganineminyaka emingakhi ukuqala kwami ukungena isikole, kodwa ngasengimdala. Izinto zazingcono ngalezozikhathi. Ingane zamanje zazikakhulu. Angeke nje ukhone ukwenza into bengakubuzi ukuthi wenzani. Kudala mawubuza imibuza eminingi wawushawa kubuzwe ukuthi: “Yinindaba ubuze imibuzo emingaka?” Ingane zamanje zikhuluma kakhulu, zinenkani futhi ziyitshela ukuthi ziyazi.

Tenjiwe Tutu

©Eric Miller

Ziseyizingane sasijabulela lokho esinako, ngoba kwakungekho okunye esikwaziyo. Sasihlala endaweni enhle, kwakunontshani oluzungeze ikhaya lami, eduze kwasekhaya kwakunentaba, nezihlahla.

Ukugcina kwami ukuvakasha ngangi na 54, angikhonanga ukunyuka izintaba, kodwa ngisayingane ngangigijima nginyuke lezoyintaba, ngangithi ngiyi mbuzi. Nabangani bami sasijwayele ukwenza odoli ngama qophe. Sazikwazi ngisho ukwakha izindlu zo doli bethu ngezinti nangotshani, bese sizihlobisa nge zimbali.

Goldie Qayiya

©Eric Miller

Ngisamcane umndeni wami wayevame ukugibela izintaba, sasihamba sibaningi, sasicishe sifike kwi 15. Sasithwala amabhakede westambi, esisowudla masesifika phezulu entabeni, lesistambu sasifaka amafutha okuthiwa i-Holsum. Ekhaya kwakunezingulube ezingini, makuhlatshwe eyodwa, sasivame ukuphatha nenyama yayo.

Kwakuthatha isikathi esingange hora nangaphezulu ukunyuka intaba, masifika phezulu sasibona zonke izintaba ezizungeze umphakathi wase St Mark’s, nomfula ophakwathi kwalezintaba. Sasibone nezilwanyane zasendle ezinjengo jakalashe.

Felicia Mfamana

©Eric Miller

Ngangine minyaka eyishumi elinanye, abangani bami uNombeko, uJongikhaya no Nomvulazana babezongivakashela. Sasivame ukudlala ngo doli abanziwe nge qhope wombila abazali bethu babewutshele ensimini. Ngokuya ngikhula ngazizwela ukuthi umshado akuyona into engiyifunayo. Ngangithanda ukufunda lokho kwangenza ukuthi ngifune ukuba wuthisha, lo kwaku umsebenzi omuhle.

Ngangiyazi ukuthi ngizosiza izingane futhi ngizise nabazali bami. ‘You must have an education,’ ubaba waye vame ukusho kimi. ‘Hamba uyofunda ukubhala no kukhuluma ngendlela eqotho. Nginfuna ubeno bomi obungcono kunobami, funda yonke into okwazi ukuyifunda.’ Ubaba waye nobuncweti balokhu.

Asengumfana osalula usembenzi wakhe kwaku ukusebenza emayini, emuva kwalokho wahamba wayo sebenza enakekela izinkomo. Waye funa sibenempilo engcono kuneyakhe. Kodwa imikhuleko yakhe yayinganele.

Ngathi mangifunda ibanga lesihlanu, uMa washona, Sasingekakaze silale singadlile ekhaya, kwakuhlezi kunezithelo ezibuya kumasimu wakithi, kodwa kwathi kusoshona uMa saqala sasokola, kwakunzima nokuthenga umfaniswano wesikole, izicathulo kunye namabhuku. Ngakho ke, kwamele ngiyeke ukufunda.

Translated by Nwabisa Ngumbela