Nouvelle

© Vititec

Incazelo

I-Nouvelle amagilebhesi aseNingizimu Afrika, aqalwa ukutshalwa ngonyaka wama 1964 ngu Profesa Chris Orffer, osewadlula emhlabeni, wayefunda eStellenbosch University. Abazali balamagilebhisi yilawo ekuthiwa yi Cape Riesling (Crouchen Blanc) ne Ugni Blanc (Trebbiano. I-Nouvelle kwenziwa ngayo amawayini amahlophe anambitheka ngathi anotshani, noma ekhuliselwe kwi zindawo ezifudumele.

Umsuka

Eningizimu Afrika

Amanye Amagama

Ngezinsuku zayo zokuhlolwa yayibiza ngokuthi yi ‘Grass 26 varietal’.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

Umlando we Nouvelle ubuyela kwi qembu le KWV, lapho Profesa Orffer wayetshala khona ama mother-blocks ngonyaka wama 1958 no 1962. Inkampani ekuthiwa yi SA Wine Industry Information & Systems (SAWIS) ithi, i-block yokuqala ye Nouvelle yatshalwa ngo nyaka wama 1989 eBoschendal eduze kwase Franschoek.

Izindawo Ekukhiqizwa Kuzo

I-Nouvelle itshalwa kuzo zonke izindawo ezitshala amagilebhisi eNingizimu Afrika. La ekhaya kunama hektare ali 136, angama 74 atholakala eWorcester, 66 eBreedekloof nawu 54 ePaarl.
Ngo nyaka wama 1998 kakunama hektare angamashumi amabili anesishakalolunye (29), akhula aze abangama 429 ngonyaka wama 2016. Ngonyaka wama 2004 i-Nouvelle yawina umklomelo we South African Young Wine Show, ngenxa yokubawumpetha ekilasini yamawayini ekuthiwa yi ‘Other White’.

Ukukhula

I-Nouvelle ikhula kahle kwizinhlobo eziningi zesihlabathi.

Ukuvuthwa

I-Nouvelle yinhlobo esheshayo ukuvuthwa, futhi kumele ivunwe phakathi enyangeni ka Febhuwari.

Amaqabunga

I-Nouvelle inamaqabunga aphakathi namakhulu, bese ibenama-lobe alukhlaza ashelelayo ngaphansi.

Amajikijolo

I-Nouvelle inamajikijolo amancane naphakathi, anombala okhanyayo. Ikhasi lawo liqinile lokhu likwenza likwazi ukumelana ne botrytis.

Izinambuzane Nezifo

I-Nouvelle ivame ukuhlaselwa yi oidium ne downy mildew, kodwa iyakwazi ukumelana nomoya. Izigaxa zayo zigexile lokhu kusiza ekuyivikeleni kwi botrytis.

Ukusetshenziswa

I-Nouvelle idume ngokuba yiwayini exutshwa namanye amawayini amhlophe, anjenge Semillon, Sauvignon Blanc noma i-Cape Riesling, lokhu kwenza umkhiqizo wokugcina unambitheke ngathi inopelepele oluhlaza (green pepper) notshani.

Ukunambitheka

I-Nouvelle ikhiqiza amawayini inamanothi eyinikeza isiqu sotshani no peleple oluhlaza (green pepper), kodwa lokhu kwenzeka mangabe amagilebhisi we Nouvelle esheshe avunwa. Kodwa mangabe ivunwe ngesikhathi esilungile, ukunambitheka kwayo kubangathi ushungamu.

Translated by Nwabisa Ngumbela