Ngibhalisa Kanjani Njengomlimi Wezemvelo

© Afrisco

I-South African Organic Sector Organisation (SAOSO) iyisambulela lapho i-PGS-SA ne-Afrisco ingasiza khona abakhiqizi ukuba babe ngabakhiqizi abaqashiwe ngokusemthethweni. Ukwamukelwa kanye nokumemezelwa kwemigomo ye-SAOSO kuye kwavula indlela yokuvuselela i-Afrisco. Ekuqaleni, i-Afrisco izosebenza ngaphansi kwesambulela se-SAOSO, okuyinto kanye nokusebenzisana ne-PGS-SA, ezokwenza isisekelo sokuthembeka kwemikhiqizo eqinisekisiwe.
Kunezinqubo ezintathu ezihlukene lapho ukwethenjwa - ukuthi leyo mikhiqizo akuyona ethakiweyo - kusungulwa phakathi komkhiqizi nomthengi.

Isiqephu Sokuqala: Mathupha Nokuzimela

Umkhiqizi nomthengi babe nobuhlobo nobudlelwano okwakhiwe ngokubambisana nobungane, ukusakazwa ngomlomo kanye nolwazi olwanelisayo. Umthengi ukhokha intengo yokuqala ngokwethemba umthengisi. Izindleko zesikhathi kanye nemizamo edingekayo ekusunguleni leli themba kungase kube nkulu kokubili umkhiqizi nomthengi.

"Ukuzimela nokubizela" yilapho umkhiqizi enza khona izimangalo ezingekho ngaphansi kwesisekelo somkhiqizo, ngokuvamile ngokusetshenziswa kwegama elithi "okwemvelo" kwilebula lomkhiqizo. Umthengi ongenalwazi ubeka ukwethembela kwakhe kumkhiqizo futhi nobungozi bokuthenga owekhwalithi ephansi, ongathandeki ngokomthetho.

Isiqephu Sesibili: Izinhlelo Zokuqinisekisa Ukubambisana (PGS)

I-International Federation ye-Organic Agricultural Movements (i-IFOAM) yenza izinhlelo Zokuqinisekisa Ukubambisana (PGS) njengendlela evumelekile yokubukeza. Isiqinisekiso se-PGS sifanele ukumaketha umkhiqizo ongeke udluliselwe kubadayisi abaningi ungakafiki kulowo ozowusebenzisa - isibonelo lapho abakhiqizi bezoletha imikhiqizo yabo kumakethe yomlimi. Nge-PGS, abakhiqizi banikezela isiqinisekiso esihlelekile sokuthi imikhiqizo yabo yenziwe ngokusho kwezinga elihlonziwe lezindinganiso ezifanele. ENingizimu Afrika sisebenzisa igama elithi 'PGS Endorsed'.
Ama-PGS asekelwe emzamweni wamaqembu. Ngokujwayelekile, zihlanganisa iqembu labakhiqizi, abathengi kanye nabasebenzi bemakethe, okungenzeka basizwe ngumchwepheshe wezokulima. Leli qembu lisekela izindinganiso zazo kumazinga ahlonishwayo emhlabeni wonke. ENingizimu Afrika lezi yizilinganiso ze-SAOSO, ilungu le-IFOAM Family of Standards futhi ngaleyo ndlela liye laziwa emhlabeni jikelele.
Leli qembu liphinde lihlele isethi yamarekhodi okuhlola. Amalungu eqenjini (ontanga) bavakashela abakhiqizi bezohlola ngomjikelezo ngonyaka. Okutholakele ekuhlolweni kubhalwe futhi kuhanjiswa kumkhiqizi. Lokhu kufaka phakathi noma yini "okungahambisani nokuziphatha okufanele".
Phezu kokuxazulula nokungahambisani, lo mkhiqizi uvunyelwe ukusebenzisa uphawu lwe-PGS futhi angathengisa imikhiqizo yakhe ezimakethe ezihambisanayo. I-PGS-SA (Participatory Guarantee Systems – South Africa) yilona bhodi likazwelonke eliqondisa konke okubizwa i-PGS eNingizimu Afrika.

Isiqinisekiso Sesiqephu Sesithathu: AFRISCO

Isiqinisekiso sesiqephu sesithathu sabantu abazoba abalimi bezinto zemvelo ezingathakiweyo senziwa umbutho wokuqinisekisa. Lolu khetho lufanelekile ukukhangisa lapho umkhiqizo uzodlula kubadayisi abaningi ungakafi kuloyo ozowusebenzisa (isibonelo uma uhambisa imikhiqizo kumthengisi) noma labo abakhiqizi abangenayo i-PGS. Isiqinisekiso sesiqephu sesithathu yinqubo ehlelekile ehlanganisa ukushintshaniswa kwemibhalo kanye nokuhlolwa kwendawo. Isitifiketi sikhishwa ekuqedeni le nqubo ngempumelelo.
Ngakho-ke, ngivumeleka kanjani ngokusemthethweni njengomlimi wokomvelo?
Inketho ye-PGS:
Ingabe kukhona i-PGS esebenza endaweni yakini? Uma kunjalo, yiba ilunga.
Uma kungenjalo, ingabe kukhona abanye abakhiqizi kanye nemakethe yezilimi eziseduzane abangase babe nesithakazelo ekusunguleni i-PGS?
Inketho ye-Afrisco:
Uma nganoma yisiphi isizathu inketho ye-PGS ayihambisani nawe, noma ufisa ukuthola izimakethe lapho uthengisela abanye abadayisi, faka isicelo ku-Afrisco.
I-Afrisco ngokubambisana ne-SAOSO ne-PGS-SA izoqinisekisa ukuqhubekela phambili kusuka ekubeni ilungu le-PGS ekubeni nesitifiketi se-Afrisco kulabo abakhiqizi abafisa ukukhiqizela abadayisi.
Amaqembu abalimi abakhiqiza ngenani eliphansi angakha "iqembu labakhulisi" futhi afake isicelo ku-Afrisco becela "Isiqiniseko seqembu".
Abakhiqizi bangafaka isicelo sesiqinisekiso se-Afrisco omunye ngamunye.

Translated by Nsika Khoza