Moorish Idols

© Johan Boshoff

Igama

Moorish idol

Isiteketiso

Crowned scythe

Igama Lesayensi

Zanclidae

Ubude

Ubude bayo bungamasentimitha anga-20 kuya kwangama-25.

Ibonakala Ngani

Lena yinhlanzi enomzimba owucwezwana. Inama-fin amafushane nomgogodla okhula uze wuswazi, wedlule ngisho nomzimba. Inekhala eliwumgxusha, umlomo ovuleka kakhulu namazinyo ayizinsephe. Inokungathi yizimpondo ezincane ngaphezulu kwamehlo. Inemibala eyimigqa emikhulu – omhlophe, omnyama nophuzi.

Ulwazi Olwejwayelekile

I-Zanclidae iwumndeni owodwa onohlobo olulodwa. Abanye abantu banakho ukuyididanisa ne-Schooling Coachman. Le nhlanzi itholakala ezinaweni ezinamatshe phansi olwandle. Uthi lomgogodla wayo, omude futhi olumise okwesikela, luya ngokuya lufingqeka uma le nhlanzi ikhula. Uma ilele ebusuku umbala wayo uyashintsha ufane nesihlabathi solwandle. Lezi zinhlanzi zivame ukubonakala zihamba ngambili noma ngayodwana. Inhlanzi ngayinye iba noimlingani oyedwa. Uma izama amaqanda iyawasaphaza olwandle.

Ukudla

Idla izipontshi zolwandle nezinye izilwane zasemanzini ezingenamathambo.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.