LM Berea Grass

© Strohbach

Igama

LM Grass

Igama lesiLatini

Dactyloctenium australe

Ukusetshenziswa

Lobu tshani buvame ukutshalwa ngenhloso yokubamba umhlabathi ungaguguleki ezindaweni ezimaphakathi nezwe nasezindaweni ezisogwini. Izilwane ziyabudla lobu tshani yize bungenawo amaqabunga amaningi. I- LM Grass idume njengotshani basegcekeni, nasezingadini, obuhlala buluhlaza.

Incazelo

I-LM Grass yisinandi esikhula sisabalale esithanda kakhulu umthunzi. Siyisinandi esijwayelekile emagcekeni emizi eminingi eNingizimu Afrika. Intshakaza yalesi sinandi yehlukana kabili noma kathathu phezulu. Amaqabunga aluhlaza aluhlaza cwe futhi ungathi ayacwebezela. Anoboya okuncanyana emaceleni.

Indawo obukhula kuyo

Lesi sinandi sivame ukukhula ezindaweni emathafeni ikakhulu emthunzini onotshani obuvundile. I-LM Grass igcwele ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika – ezingadini nasemadlelweni.

Izimbali

Izimbali ziqhakaza ngoMasingana kuya kuNhlaba.

Olunye ulwazi

Igama lalesi sinandi, LM Grass, lisuselwa egameni elithi Lorenzo Marques okuyigama elethiwa ngabasentsholanga inhlokodolobha yaseMozambique (Maputo). Manje lesi sinandi sesaziwa ngamagama amaningi kodwa elijwayelekile yileli elithi Berea Grass.