Lizardfish

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

ama-Lizardfish

Isidlaliso

ama-Grinners, ama-Allies

Igama Lesayensi

ama-Synodontidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-60cm, ngokujwayelekile kuba wu-20cm.

Isakhiwo Sawo

Umzimba owakheke engathi wugwayi, omude nekhanda elingunxantathu. Anamazinyo abukhali kuyona yomibili imihlathi. Izigwedlo ezisemgogodleni zihamba phakathi nomhlane. Izimbobo zokuphefumula zinezivalo ezingaphezu kwekhanda ngobukhulu. Anamabala abomvu, amnyama, ansundu nakhanyayo umzimba wonke.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-synodontidae unezizukulwane ezinhlanu nezinye izinhlobo eziwu-55. Avamise ukutholakala eziphumulele eduze namanzi. Athanda ukuhlala endaweni enesihlabathi esiningi. Kwesinye isikhathi azifihla esihlabathini uma ecathamela ukudla. Ayashesha uma ebona ukudla noma inyamazane. Azalela emanzini.

Ukudla

Adla abanye ofishi abancane.

Atholokala Kuphi

Atholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Ezuinye Izinhloba

Blacktail lizardfish - Synodus jaculum
Sand lizardfish - Synodus dermatogenys
Variegated lizardfish - Synodus variegatus